UNomvete uthi kulungile uRulani agiye ngoba besavunywa yizinto kodwa…

UNomvete uthi kulungile uRulani agiye ngoba besavunywa yizinto kodwa...
URulani Mokwena
Alfred Ngubane

USiyabonga Nomvete uthi uRulani Mokwena weMamelodi Sundows akagiye nje aqephuze kodwa akhumbule ukuthi ukujabula kuyashintshana.

UNomvete, oyiphini lomqeqeshi kuMaZulu FC, ukusho lokhu ngesikhathi ebuzwa ngenkulumo kaMokwena yokuthi amanye amaqembu kumele abhukule ukuze anike iSundowns inselelo.

UMokwena wayekhala nokuthi ukuxega kwamaqembu eDStv Premiership yikho okubakhubazayo uma sebedlala nawakwamanye amazwe kwiCaf Champions League.

UNomvete uthi yize iSundowns iyinhle futhi ikufanele ukudla izicoco, kodwa ikhumbule ukuthi isondo liyajika futhi nesabanye isikhathi siyeza.

“Namanye amaqembu azokhuphuka, uyabona… Isikhathi sawo sizofika,” kusho uNomvete kuleli viki.

“Kodwa angithi vele uma izinto zihamba kahle usho noma yini.¬†Lokhu akukhulumayo, uzogcina ephoxeka uma sekufika isikhathi la engasayiwini khona iligi, kufike abanye bayiwine.

“Phela akukhona ukuthi yibona kuphela abayiqembu elifuna ukuwina lesi sicoco,” kuchaza uNomvete.

Ulandele emazwini kaMandla Ncikazi owathi iSundowns ithenga bonke abadlali abahle bese bona ibashiyela uvucu bese ifuan bancintisane nayo enkundleni.

FUNDA NALA: UTruter uthi uDylan Kerr weSwallows wumbombayi womqeqeshi

“Kumele ukhumbule ukuthi iSundowns njengamanje iphethe cishe u-75 % wabadlali abasezingeni kwiligi yakuleli.

“Ngakho ngeke uqhathanise AmaZulu neSundowns. ISundowns ihlezi isayina abadlali abaningi.

“Kumanje inamaqembu amathathu aqinile – elijima ekuseni, elijima emini nelijima ntambama.

“Bona iqembu eliqala imidlalo bengalishintsha noma nini uma befisa, uthi ulindele elinye, baqhamuke nelinye.

“Thina asikwazi ukukwenza lokho. Ukhumbule ukuthi abadlali bayalimala noma bathole amakhadi… bona abakhali noma benaleso simo ngoba bavele bafake omunye osezingeni elifanayo.

“Yingakho ke kulula kubo ngoba banabo abadlali abenele,” kuchaza umfokaNomvete.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.