UNomvete uyanconcoza ngomfana wakhe olandela ezinyathelweni zakhe

UNomvete uyanconcoza ngomfana wakhe olandela ezinyathelweni zakhe
ULifa Nomvete
Alfred Ngubane

Iphini lomqeqeshi kuMaZUlu FC uSiyabonga Nomvete useveze injabulo anayo ngokuthi omunye wamadodana akhe uqoke ukulandela ezinyathelweni zakhe ngokudlala ibhola elikhokhelayo.

ULifa Nomvete kumanje udlala kwiDStv Diski Challenge yoSuthu kanti nasesikoleni akayekile njengoba enza unyaka wesibili esikhungweni semfundo ephakeme eThekwini.

“Ngiyazama… Useqenjini leDDC ngaphansi kukamqeqeshi uNini (Vilakazi. Ngihlezi ngimfaka umdlandla yize kungemina owamfaka ebholeni, wazikhethela yena,” kusho uNomvete.

“Kwaba yisinqumo sakhe mina ngabe sengimtshela ukuthi ebholeni kuningi ukuphoxeka nobuhlungu. Owami umsebenzi wukumeseka ngimsize lapho ngingakhona khona.

Uthi indlela asezimisele ngayo ngebhola uLifa iyamjabulisa futhi akangeneneleli ngoba uma sebesemsebenzini kuyaphela ukuba uyise nendodana.

“Usezimisele impela futhi nesimo sakhe sihle kakhulu kanti naseqenjini leDDC wenza kahle impela. Angimfakeli ingcindezi umqeqeshi uNini.

FUNDA NALA: UNomvete uthi uRulani akagiye azenelise ngoba kuyeza ukuhlupheka kwiSundowns

“Ngamtshela ukuthi uma eseseqenjini uyindodana yakhe, angingene ukuthi wenzani ngaye. Uba yindodana yami kuphela uma sesibuyela ekhaya.

“Okunye engimgqigquzela kukho yisikole. Ngamtshela ukuthi isikole kumele sibe phambili futhi ngiyaziqhenya ngaye ngokufuna ukulandela ezinyathelweni zami.

“Wenza unyaka wesibili ezifundweni zobuchwepheshe. Ibhola aliyindawo, liyohlezi likhona,” kuchaza uBhele.

Uthe wayixwayisa le ndodana yakhe nangokuthi izothwala kanzima ebholeni ngoba iyohlezi iqhathaniswa naye.

“Akumele alindele ukuthi ngoba isibongo sakwaNomvete sikhulu ebholeni kuzoba lula kuye. Kumele azi ukuthi ingcindezi izoba nkulu kuye ngoba uzohlezi eqhathaniswa nami.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.