Unongabazane ngokuvikela isicoco sePrince Mangosuthu uMhlakwana

Unonabazane ngokuvikela isicoco sakhe kwiPrince Mangosuthu uMhlakwana
UNkosikhona Mhlakwana
Alfred Ngubane

Umphetha wePrince Mangosuthu Ultra Marathon uNkosikhona Mhlakwana kungenzeka angawusubathi lo mjaho ngenxa yokwenzela ukukhokha amandla.

Lokhu kulandela ukuthi uMhlakwana enze umsebenzi omuhle ephuma endaweni yesibili kkwiTwo Oceans Marathon ebiseKapa muva nje.

Lo msubathi ukhulume neMpempe wathi kumanje usaphumule futhi akaboni ukuthi angabamba iqhaza kule mijaho elandelayo okuyiDurban International Marathon ezoba ngeSonto.

Kuzolandela iHarry Gwala Marathon ezoba ngoMeyi 14 bese kuba yiPrince Mangsuthu Ultra Marathon ezoba ngoJuni 5.

“Ngisafuna ukubuyisa kahle amandla. Angifuni ukuzigqilaza ngokugjima imijaho eminingi ngigcine sengikhathala bese ingabonakali into engiyenzayo,” kusho uMhlakwana.

Kucaca ngokusobala ukuthi lo msubathi uzilungiselela futhi uzongela iComrades Marathon. Ngonyaka ka-2019 waphuma endaweni ka-11 kuyo.

Kulokhu wakubeka ukuthi ufuna ukungena kwabayilishumi abasubathi. UMhlakwana ubonakala ukuthi usethubeni elihle lokunqoba iComrades Marathon njengoba engumsubathi odlondlobalayo kakhulu.

FUNDA NALA: Sizoshiya kiwChiefs isikhulu esethole amadlelo kwiCaf

Usekhombisile umhlaba ukuthi awukho umjaho angeke awunqobe uma nje ezilungiselele kahle.

Nokho umsebenzi omkhulu ususele kumqeqeshi wakhe uProdigal Khumalo nemenenja yakhe kwiHollywoodbets Athletic Club, uMorgan Shandu ukuthi bamcije futhi bampholishe kahle.

Kulindeleke ukuthi ancintisane nabasubathi abangomphetha beComdrades Marathon esingabala kubo oBongumusa Mthembu, Gift Kelehe, Ludwick Mababolo, David Gatebe no-Edward Mothibi.

Indlela akhombisa ukukhula ngayo naye useyabalwa kulo khilimu wabasubathi bakuleli abasuke bebhekiwe uma besemijahweni emikhulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.