UNortje uhlenge amaProteas ebhekene nePakistan eWanderers Stadium

U-Anrich Nortje ejabula nabadlali bamaProteas eWanderers Stadium

SIHLE NDLOVU

U-Anrich Nortje weNingizimu Afrika uthathe amawikhethi amathathu abalulekile ngesikhathi amaProteas ewina ngama-run angu-17 ebhekene nePakistan emdlalweni wesibili wosuku olulodwa eWanderers Stadium, eGoli, ngeSonto.

UNortje ubengaqali ukumpintshela ekhoneni iPakistan njengoba ethathe amawikhethi amane eCenturion, emdlalweni wokuqala.

AmaProteas aphinde abhetha kuqala kulo mdlalo njengoba iPakistan kuyiyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba. Nokho kulokhu iqembu lakuleli liqale kahle kakhulu lishaya ibhola ngendlela ebinika abashwibi bePakistan inkinga.

U-Aiden Markram uyena okhishwe kuqala esenze ama-run angu-39. Ngemuva kokuphuma kwakhe kungene ukaputeni uTemba Bavuma ofike waxhumana kahle kakhulu noQuinton de Kock. Kube ukudlala kahle kwabo okwenze iNingizimu Afrika yazibeka ebuhleni.

UDe Kock uphume esehlanganise ama-run angu-80 kwangena uRassie van der Dussen, ofike wangalincenga ibhola. UVan der Dussen uphume eseshaye u-60 osheshayo owakhuphule kakhulu amaProteas.

Ngemuva kalokho bese kuyisikhathi seMiller (kungena uDavid Miller). Ufike wathi ukuzinsisa uBavuma, ogcine esephume enama-run angu-92. U-Andile Phehlukwayo uyena ojoyine uMiller kodwa wangahlala kakhulu wakhishwa.

Ngemuva kwalokho konke bese kulele kuMiller ukuthi aqinisekise amaProteas aqoqa ama-run amaningi ngokwanele. UMiller ugcine ethole u-50 engaphumanga njengoba iqembu lakuleli ligcine lenze 341/6.

Iphendula iPakistan kuqale kwangahamba kahle kusheshe kukhishwa u-Imam-Ul-Haq zisuka nje. Kungene uBabar Azam ofike wadlala kahle noFakhar Zaman kwi-powerplay. Nokho uBabar ukhishwe esena 31 nokuyinto eyijabulise kakhulu iNingizimu Afrika. Lo mdlali uyena owenzele phansi amaProteas eCenturion eshaya ama-run angu-103.

UFakhar uyena umdlali wePakistan owenze kahle kakhulu njengoba ehlanganise ama-run angu-192 (154). Nokho lokhu bekungayisizi kakhulu iPakistan ngoba abanye bebengena bephuma kusale yena uZaman epatanisa. Nokho lo mdlali ushaye into ecokeme eyedwa, futhi kuke kwabukeka sengathi iPakistan izowima ekugcineni.

Umdlalo wesithathu ozocacisa ukuthi uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa lushona ngakuphi, uzokuba ngoLwesithathu, eSuperSport Park, eCenturion. Njengamanje amaqembu abambene ngo 1-1.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.