UNotoane ukhale ngokuncishwa uNgcobo weChiefs kwamlungela

UNotoane ukhala ngokuncishwa uNgcobo weChiefs
UNkosingiphile Ngcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23, uDavid Notoane, ubalise ngokunqatshelwa kukaNkosingiphile Ngcobo weKaizer Chiefs ukujoyina iqembu lakhe eliya kuma-Olympic eTokyo.

IChiefs inqume ukungabadedeli abadlali bayo ababili uNotoane abethi uyabafuna, oNgcobo noReeve Frosler, kwazise iyabadinga nayo. IChiefs inomdlalo wamanqamu weCAF Champions League ne-Al Ahly ngoJulayi 17.

Ama-Olympics wona aqala ngoJulayi 22 lapho elakuleli lizobhekana khona neJapan ngawo uJulayi 22. Lokhu kwenze kwaba nzima ukuthi iChiefs ingabadedela abadlali.

UNotoane ukhale kakhulu ngoNgcobo athi ubebheke lukhulu kuyena kulo mqhudelwano. Ukhale nangokuthi wumqhudelwano wesibili omkhulu uNgcobo angezuwudlala lona.

UMshini, okuyigama ateketiswa ngalo lo mdlali wasesiswini weChiefs, akayanga kwiNdebe yoMhlaba yabafana abaneminyaka engaphansi kuka-17 ngo-2017 ngenxa yokulimala.

“Bengikubheke ngabomvu ukumbona evezela umhlaba ithalente lakhe emqhudelwaneni omkhulu njengalona,” ucashunwe esho kanje uNotoane kwiSowetan.

“Ungumdlali engimbeka ezingeni eliphezulu kakhulu ngoba ngiyakwazi akwazi ukukwenza. Angikholwa wukuthi sesikubone kahle akwazi ukukwenza.

FUNDA NALA: IPirates iyahloma, kodwa eyomqeqeshi ayicaci kahle

“Yingakho bengibheke ngabomvu ukumbona eveza ikhono lakhe enkundleni ebukwa wumhlaba wonke.

“Lokhu ngikusho ngoba abadlali abasezingeni eliphezulu kwesinye isikhathi bavelela kakhulu uma bebhekene nabanye abasezingeni eliphezulu njengabo,” kuchaza uNotoane.

Kodwa ngemuva kokuxoxisana, iChiefs igcine ivumile ukumdedela uNgcobo ukuba angene eqenjini. Uzoya kulo ngemuva komdlalo wamanqamu ozoba seCasablanca eMorocco. Lo mqeqeshi ugcine umshiye ngapohandlke uFrosler kodwa wamfaka uNgcobo ngesikhathi esekhipha iqembu lakhe eliphelele eliya kuma-Olympics.

Leli qembu alikhethile libe nakho nokho ukubathimulisa abathile nokuyinto elindelekile nejwayelekile vele. Ukungaqoki kwakhe noyedwa umdlali weMamelodi Sundowns yikho okunkemise abaningi.

Kubadlali abaneminyaka engaphezu kuka-23, uNotoane uqoke unozinti weSuperSport United neBafana Bafana, uRonwen Williams, Abubbaker Mobara weCape Town City noTercious Malepe.

Selilonke iqembu likaNotoane lime kanje: 

Onozinti: Ronwen Williams, Mondli Mpoto, Sifiso Mlungwana

Izitobha: Katlego Mohamme, Luke Fleurs, Sibusiso Mabiliso, Abbubaker Mobara, Thabiso Monyane, Terticous Malepe

Abasesiswini: Teboho Mokoena, Thabo Cele, Sipho Mbule, Goodman Mosele, Kamohelo Mahlatsi

Abagadli: Fagrie Lakay, Luther Singh, Evidence Makgopa, Lyle Foster, Kobamelo Kodisang

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *