UNotoane uyalivuma ihlazo lokubhacaza kuma-Olympics

UNotoane uyalivuma ihlazo lokubhacaza kuma-Olympics
UDABA: SIhle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weqembu laseNingizimu Afrika lika-Under 23, uDavid Notoane, uyavuma ukuthi bashaye udaka baphinde bahlaza isizwe kuma-Olympics ka-2020, eTokyo, eJapan.

INingizimu Afrika ishaywe ngo 3-0 yiMexico emdlalweni wokugcina wamaqoqo, nokuqinisekise ukuthi ibuya eTokyo ingatholanga nephuzu elilodwa. Ishaywe yiJapan ngo 1-0 emdlalweni wokuqala, yashaywa yiFrance ngo 4-3 kowesibili, njengoba ivaleliswe yiMexico ngo 3-0.

“Umdlalo wethu neMexico namuhla ubuphoxa kakhulu, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Amaphutha esiwenza emuva awazange asinike ithuba lokuthi besingadlulela esigabeni esilandelayo.

“Besilandela emuva ngo 2-0 ngesikhathi sekhefu okuyinto esenze saba semuva kakhulu,” kusho uNotoane ngemuva komdlalo. “Besingekho emdlalweni futhi asizange siyicindezele iMexico.

“Kunalokho iyona ebiphusha thina. Besazi ukuthi sidlala neqembu elihle elisheshayo kodwa senza amaphutha amabili enze ukuthi silandele emuva ngo 2-0.”

INingizimu Afrika bekubukeka sengathi kade yalilahla ithemba kulo mdlalo. Bekunzima kakhulu ukuya phambili nokuyokhahlelela ipali kubafana bakaNotoane.

“Sizamile ukwenza abadlali bazethembe ngesiwombe sesibili ukuze babuyele emdlalweni. Ngebhadi lethu sidedele igoli lesithathu. Kube ubusuku obunzima futhi kuyacaca ukuthi imilenze yabafana ibingasakwazi ukubathwala ngemuva komdlalo weFrance. Umdlalo weFrance usigqilazile futhi lokho kuhlale obala namuhla.”

UNotoane nabafana bakhe kumele babuyele eNingizimu Afrika bazobhekana nabalandeli bebhola abangeneme nakancane ngendlela iqembu elenze ngayo kuma-Olympics.

“Sonke siphoxekile ngokuthi sesiphumile kuma-Olympics. Ngicabanga ukuthi kukhona esikufundile kulo mqhudelwano esizokusebenzisa ukubheka phambili.

“Abafana bazamile ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu eTokyo. Kumele manje sibhekane nabantu baseNingizimu Afrika esibaphoxe kakhulu uma kubhekwa lokho abebekulindele kithi.

FUNDA NALA: UMiddendorp ujabule ngendlela abatheze ngayo kwiMaritzburg

“Kumele siyivume induku, siyamukele imiphumela esiyithole lapha eTokyo. Ngithemba ukuthi abafana bazokhula bathathe la mava banyukele nawo kwiBafana Bafana.

“Bekuyithuba elihle kakhulu ukuba lapha. Sifunde lukhulu enkundleni kanjalo nangaphandle kwayo. Ngethemba ukuthi nakubadlali kube njalo,” kuphetha uNotoane.

Ubonge iqembu lama-Olympic laseNingizimu Afrika kubayisa eTokyo, wathi bebephatheke kahle kakhulu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.