Unozinti ushiye AmaZulu wajoyina i-Arrows

UMbatha ushiye AmaZulu wajoyina i-Arrows
USIyabonga Mbatha
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uqede ukuqagela ngekusasa lakhe unozinti waMaZulu FC obeseshukusha ibhentshi uSiyabonga Mbatha. Kuthe ngoLwesihlanu emini lo nozinti wahlangana nabaphathi boSuthu la bevumelene khona ngokuthi bayamdedela.

Usuke lapho wayoqedela izingxoxo nomakhelwane, iGolden Arrows lapho abe esesayina inkontileka yeminyaka emithathu. Ngokusho kwabasondelene naye, i-Arrows imnike imali ephindiwe kule abeyihola Osuthwini olwenqabile ukumenyusela imali.

Inkontileka yakhe beyivele izophela ngoJuni 30. UMbatha ubeke wamataniswa ne-Orlando Pirates la obekuthiwe usesayine inkontileka eyisibambiso khona. Kodwa Impempe isingakuqinisekisa ukuthi ngamampunge lawo.

Osondelene nalo mdlali uziqinisekisile lezi zindaba zokusayina kukaMbatha kwi-Arrows. “Ubevele exoxa nayo i-Arrows kusukela kumcacele ukuthi engathi isikhathi sakhe siphelile kuMaZulu.

“Akananxa ke nokho yize indlela asuswe ngayo kade engukaputeni weqembu futhi alisiza kakhulu livika izembe ngaleya sizini ingabanga yinhle.

“Ungumuntu ozilungele futhi akabambe gqubu, ukuqondile ukuthi sekumele ayosebenza kwenye indawo,” kusho lona ongathandanga sidalule igama lakhekuze kube i-Arrows iyaziveza yona lezi zindaba.

UMbatha uphucwe uVeli Mothwa ijezi kuMaZulu. UMothwa wathengwa kwiChippa United ngasekuqaleni kwesizini edlule ukuzovala isikhala ngesikhathi elimele uMbatha.

UMothwa walibamba akangabe esalidedela ijezi njengoba eze wagcina ebizelwa nakwiBafana Bafana ngenxa yokwenza kahle kwakhe kahle. UMbatha uzofica isimo esifanayo nakwi-Arrows njengoba inoSifiso Mlungwana naye ovimba kwampukane edlula phambi kwakhe.

Nokho kungenzeka asheshe alibambe ijezi kwazise Impempe seyithole ukuthi kukhona amaqembu amzingelayo uMlungwana yize kungacaci i-Arrows izomdedela yini.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.