OkaDonga Gumbi
Seyiqubule umsido ividiyo eveza omuntu obesethimbeni leSenegal ephethe ibhodlela lamanzi elinamathiselwe amagama abadlali bayo.
Kuthiwa leli bhodlela beliphethwe ngunozinti we-Egypt abebedlala nayo owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations eCameroon ngeSonto kusihlwa.
Lo nozinti, uGabanski, uthathe amehlo futhi abaningi bebemncoma ubuqhawe ngendlela avimbe kahle ngayo kulo mdlalo.
Nokho ezakhe zigcine zigobile sekukhahlelwa amaphenathi kulandela kuthi umdlalo kade uphele zibambene kungekho goli.
Emdlalweni iSenegal ihlulwe yinqwaba yamathuba okubalwa nephenathi egejwe uSadio Mane okwenz elo nozinti wavelela.
FUNDA NALA: UPitso akakhali kakhulu ngokubhaxabulwa kwezakhe yiSundowns
Ukuqubuka kwale vidiyo sekususe isinsolo zokuthi kanti ubenqaka kwasani nje yingoba ubephethe okuthile obekumlekelela.
Ubuqiniso baleli bhodlela nevidiyo bekungakaqinisekiswa kodwa khona yona igcwele izinkundla zokuxhumana kumanje.
UGabanski nguye ogcine eqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo. Abanye bebethi nekanozinti ovelele kulo mqhudelwano kumele inikwe yena. Zibukele: