Unozinti weMaritzburg uncishe abadlali baMaZulu amagoli

Sihle Ndlovu

AmaZulu FC (0) 0

Maritzburg United (0) 0

Angqongqoze wagcina ungavulekanga umnyango AmaZulu FC ngesikhathi ebambana neMaritzburg United ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eJonsson Kings Park, eThekwini, ngeSonto ntambama.

Usuthu yilona obeluphethe umdlalo kusukela uqala waze wayophela kodwa igoli lagcina lingavumanga ukungena. Ngalokho iTeam of Choice kumele ibonge unozinti wayo, uJethren Barr, obephapheme ezintini umdlalo wonke.

Lo nozinti ubageze ubebebe abadlali boSuthu engafune lutho emapalini akhe. Bekubukeka sengathi uLehlohonolo “Major” Majoro uzolibeka phakathi ngomzuzu ka-40 kodwa wala waphetha umfo kaBarr. Nangesiwombe sesibili ubuye wavakasha uMajoro ezintini zikaBarr kodwa lo nozinti walichitha ibhola kwaba yikhona sebebhekene bobabili noMajor.

Uze waphuma uMajoro ngomzuzu ka-65 indawo yakhe yathathwa uBonginkosi Ntuli. Nangemuva kwalokho aqhubekile nokuhlasela AmaZulu eyincinza kamnandi, abadlali bawo betholana ezikhaleni. UTsepo Masilela naye uke wazama ukuzwa amanzi ngobhoko kuBarr ngomzuzu ka-72 kodwa wamthola ekhona lo nozinti, wathula nalo.

Ike yazama ukuphaphama iTeam of Choice ngemuva kokuthi kungene u-Ali Meza endaweni kaThabiso Kutumela. Nokho AmaZulu awafunanga ukwehlisa izinga njengoba ebelokhu ewuphethe umdlalo futhi kuyiwona abefika kakhulu emapalini ezivakakashi.

Uphinde washaya into ecokeme uBarr evimba ifree kick ebiyingozi kakhulu kaThapelo Xoki ngomzuzu ka-83. Uyichithele ngaphandle kwagcina kuyikhona. Okucacile kulo mdlalo ukuthi abadlali boSuthu bebedlala ngendlela ebikhombisa ukuthi basekhaya. Kuyabonakala futhi ukuthi sebeyasibamba isitayela sikaBenni McCarthy ongumqeqeshi.

Ngasohlangothini lweMaritzburg nakhona akukubi neze selokhu kufike u-Ernst Middendorp.

Leave a Reply

Your email address will not be published.