Unqobe sekuminyiwe uLamati imbangi isho ukumqeda

Unqobe sekuminyiwe uLamati imbangi isho ukumqeda
ULudumo Lamati nebhande lakhe elisha
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Uthwale kanzima, futhi cishe kwambhedela emizuliswaneni yesibili yokugcina uLudumo “9mm” Lamati, kodwa ugcine ewinine walihlwitha ibhande le-IBO esisindweni seJunior Featherweight.

Imbangi yakhe yaseMexico, uJose Garcia beyingazibekile phansi, futhi beyithi imqumba phansi emizuliswaneni yokugcina. Impi iphele sekubanjwe umoya kushaywa nomthandazo omncane ukuthi angawi.

ULamati uyiqale kahle imizulwiswano yokuqala kule mpi ebise-Emporors’ Palace eGauteng ngoMgqibelo ntambama. Kodwa kubuye kawashintsha ukudla esitsheni ngenkathi uGarcia engafuni ukuwa njengenkomo yomqoyiso.

ULamati ubeyidubula ngezibhakela zakhe eziqinile le nsizwa kodwa yenqaba ukuthamelisa ingqakala ilanga.

Nokho lugcine lugobile uphondo. Amajaji oSimon MOkadi noPhumeza Zinakile bayinike uLamati impi ngo 115-113 no 116-112 kanti uPatrick Mukondwa ubone belwe ngokulingana ebanika u 114 bobabili.

Ngalokho ke lifezekile iphupho labalandeli bamankomane base-Eastern Cape lokubona kuhlangana izinkunzi zakhona ezimdwayidwa uLamati noZolani “Lastborn” Tete abadabuka eMdantsane.

Kuzokhumbuleka ukuthi le mpi kudala abalandeli bala mabhokisa bayilangazelela ukuthi zihlangane lezi zihlabani zamabhokisa esezihambe ibanga elide kwezamankomane.

Abalandeli bakaLamati bathi bafuna ukuthi aqedele uZolani Tete njengoba empini yakhe yokugcina ahlulwa nguJohnriel Casimero. Bathi sekuyisikhathi sokumthathisa impesheni.

Njengoba ewinile nje uLamati, uzovikela lesi sicoco okokuqala kuTete empini okubhekwe ibe ngoSepthemba.

Kwenye impi, uThulani Mbenge uzidlele amahlanga ngenkathi ethela phansi uThulani Makhense ngomcacemezelo bebanga ibhande le-WBA. Ngakho njengamanje ubonakala evuke wazithatha uMbenge njengoba eshaya kwasani oluphambi kwakhe ngemva kokuba alahlekelwa ukuba ngumpetha we-IBO,

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.