UNtloko usezoba yinhloko yezokuxhumana kwiSafa

UMninawa Ntloko (kwesokunxele)
Intatheli yeMpempe

ISouth African Football Association (Safa) seyiqashe uqweqwe lwentatheli, uMninawa Ntloko, njengenhloko yezokuxhumana entsha nokunguyena muntu ozokhulumela le nhlangano.

UNtloko uzongena ezicathulweni zikaDominic Chimhavi, osethathe isikhundla sokuba yinhloko yeStakeholders Relations.

Lolu qweqwe lwentatheli seluhlanganise iminyaka engaphezulu kwengu-20 lubika ngezemidlalo, izindaba zomphakathi nezomnotho, phakathi kwezinye izinto.

Usesebenzele amaphepha amaningi ngaphansi kwenkampani i-Aren Holdings, kanti uke waba nguMhleli weZemidlalo kwiBusiness Day.

Ngaphambi kokuqashwa kwakhe yiSafa ubenguMhleli weZemidlalo kwiDigital ye-Arena, kanti usewole inqwaba yemiklomelo kwezobuntatheli eminyakeni edlule.

Uzojoyina iSafa engangatshazwa amava akhe, kanti wethemba ukuthi uzowasebenzisa ukufaka isandla ekukhuleni kwale nhlangano.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.