UNtokozo uncoma umqeqeshi wakhe ngokunqoba kwiMangosuthu

UNtokozo uncoma umqeqeshi wakhe ngokunqoba kwiMangosuthu
Abagijimi abebekwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon ngeSonto ekuseni
Alfred Ngubane

Kukhonye uNtokozo Mkhize esigabeni sabesifazane kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon ebigijinywa ngeSonto ekuseni.

UNtokozo ubeke isikhathi esihle njengoba enze esika-3:37:9 kani Impempe ibe seyimcela ukuba kuke kulunywane indlebe ukuze izwe kabanzi ngaye.

Uthi kumjabulisile kakhulu ukunqoba lo mjaho njengoba bekungelula kwazise kunemiqansa emningi kakhulu kule ndlela abebeyigijima.

“Bekungelula neze. Lo mjaho unemiqansa eminingi kakhulu okwenza ukudle amandla amaningi,” kusho le ntokazi.

“Ukusubatha ngikuqale ngo-2017 njengoba namuhla sengingumphetha nje. Nokho kumele ngincome umqeqeshi wami owangithola ngingazi lutho ngokusubatha.

“Ungiphekie bandla futhi sengivuthiwe njengoba nemiphumela seyiqala ukubonakala nje,” kuchaza uNtokozo.

UBongo Ndlovu uwunqobe okwesithathu kulandelana lo mjaho ebangeni lika-10 kilomitres. Kuyacaca ke ukuthi akanantanga kuleli banga kulo mjaho.

Kwabesilisa kube nguNtsindiso Mphakathi weNtsika AC obe ngumphetha kulo mjaho waseDundee, enyakatho neKwaZulu-Natal.

FUNDA NALA: Usole abadlali ngokungawunaki umsebenzi wabo oweSwallows behluleka kwiTuks

UMphakathi wenze isikhathi esingu-3:26. Lo msubathi ukhulume neMpempe wathi into emsizile ukunqoba izinkinga abhekene nazo ngonyaka odlule.

“Ngafunda olukhulu ngonyaka odlule. Nokuthi nami ngijima endaweni anamagquma kusizile ngoba bekuthi uma imiqansa ibaxaka abanye mina kube wukuthi ngiyijwayele.

UMphakathi uphekwa yinkakha kwezokusubatha uWIllie Mtolo kanti umncomile wathi amacebo akhe uwabonile emsebenzela kulo mjaho.

“Usidonse ngendlebe ukuthi singajahi ukuba phambili kulo mjaho ngoba uyakhathazana, kodwa sihlale nje la ezithendeni zabaphambili bese sibadlula uma sekusondelwa entanjeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.