UNtseki uthi iCovid yiyo ebulale umsebenzi wakhe kwiBafana

UMolefi Ntseki
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Ukubheduka kokhuvethe lweCovid-19 esanda kuqokwa njengomqeqeshi weBafana Bafana kwamvalela ekhoneni uMolefi Ntseki osanda kwehliswa esikhundleni sakhe.

UNtseki uzoshwe yiSAFA ngemuva kokuhluleka ukufaka iBafana kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON). Yize ekuvuma ukuthi wehluleka, futhi akuxolisela, kodwa uthi ukube isimo besingesibi ngabe wenze kangcono.

“Njengomuntu oyikholwa, uvele bese usola uMdali umbuza ukuthi kungani kwenzeka kimi lokhu? Kungani impumelelo ebaluleke ingeqile mina. Uyazibuza ukuthi kungani. Yimpoxo enkulu le.

“Kodwa ube sewucela umdlandla namandla, futhi sengiyakuthola lokho manje. Yingakho ngikwazi ukukhuluma ngalento namuhla,” kusho uNtseki ekhuluma nabeSAfm ngoLwesihlanu kusihlwa.

“Izinkinga zaqala ngiqeda kuqashwa nje ngakho kodwa ngoba sabe sesihlaselwa yiCovid. Izinyanga ezingu-11 zonke besingahlangani  nabadlali ukuze sisebenze kahle.

‘Ngithole ukwesekeka okukhulu kubadlali.
Bathi kimi ‘mqeqeshi, sikwenzele phansi, siyaxolisa’

“Ngisho emidlalweni esayidlala neZambia neNamibia asikwazanga ukuhlanganisa iqembu ngendlela esasifisa ngayo. Saqala kabi nje,” kuchaza uNtseki.

IBafana yayidinga ukuwina owodwa emidlalweni yayo emibili yokugcina esigabeni samaqoqo ukuze ingene kule midlalo ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Kodwa yadlala ngokulingana neGhana ekhaya, yabe seyishaywa yiSudan ekuhambeni. Kwaphela ngetswayi.

“Ngesikhathi sidlala neGhana, yayifike nabadlali abayisishiyagalolunye abaphesheya, baphidne bathola abanye abahlanu sebezobhekana neSao Tome. Kodwa thina, ngenxa yokuthi izwe lethu belidlavazeke kakhulu yiCovid asikwazanga ukubathola abethu ngisho sesithi abafikele eSudan ke okungenani.

“Besifakwe ngaphansi kwamazwe ayingozi kakhulu. Yingakho ke imizamo yethu yaphelela eze, asangakwazi ukuthola abadlali. Manje sengiyohlale ngikhunjulwa njengomqeqeshi owahluleka ukufaka iBafana kwi-AFCON. Konke lokhu ngenxa yeCovid. Yangilimaza kakhulu iCovid,” kuzibalisela uNtseki.

Uthe labo abakhala ngokuthi wayevele engasifanele lesi sikhundla babulawa wukungazi. “Abantu ababuza ukuthi ungubani yena uMolefi Ntseki lowo yingaba abazihluphanga ngokucwaninga ngami. Ngidlale ezingeni eliphezulu.

“Ngiqeqeshe nakuwo wonke amazinga eSAFA. Wawungifanele ngampela lo msebenzi futhi ngiyaziqhenya (ukuthi ngawuthola). Empilweni kuhlezi kukhona abakungabazayo, akunankinga lokho,” kuchaza yena.

‘Abantu ababuza ukuthi ungubani yena
uMolefi Ntseki lowo yingoba
abazihluphanga ngokucwaninga ngami’

Uveze nokuthi abadlali babephatheke kabi, bezisola bona ngokumhlinzela ezibini ngokuhluleka kwabo. “Ngithole ukwesekeka okukhulu kubadlali. Bathi kimi ‘mqeqeshi, sikwenzele phansi, siyaxolisa’.

“Ngathi mina kubo, njengomholi, kumele ngikumele lokhu okwenzekile, ngakumela futhi. Ngaphakamisa isandla ngavuma ukuthi yimi ohlulekile,” kusho uNtseki.

Uthe njengamanje into okumele yenzeke wukuthi kube nesineke, umqeqeshi anikwe isikhathi ngoba iBafana isinga ukwakhiwa kahle kungatatazelwa. Uveze nokuthi icebo leSAFA, iVision 2022 isahamba kahle ngoba iqembu lika-Under 23 lingenile kuma-Olympics.

“Kumele sibe neqiniso, ngeke sivele silunge esikhaleni nje. Akumele silindele ukuthi iBafana iwine manje. Kuzothatha iminyaka. Yize sigajwa yimizwa uma kudlala iBafana, asibaniki abadlali bethu ithuba elanele lokukhula.”

Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.