UNtshangase ngathi akasayingeni eyeChiefs

USiphelele Ntshangase enozakwabo oLazarous Kambole, Khama Billiat noWillard Katsande ejimini kwiKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

Kubukeka sengathi uSiphelele Ntshangase usephelelwe wuthando lokuhlala kwiKaizer Chiefs asehluleke wancama kuyo ukungena eqenjini eliqala imidlalo.

UNtshangase selokhu atabalasela iskimu kuMakhosi kusukela afika kuleli qembu ngesizini ka-2017/18 kanti yize abaqeqeshi sebeze baba bane beshintshana eNaturena, akekho noyedwa kubo ombone efanelwe ukuqala imidlalo.

Nokho Impempe seyithole ukuthi ngathi kwayena useyabona ukuthi ngeke esaphinde alithole ijezi ngendlela enza ngayo I’m kujinywa, bathi usevele agcine icala nje. UStash welulelwe inkontileka ngonyaka owodwa ekupheleni kwesizini edlule.

Ukufika kukaGavin Hunt kulethe ithemba lokuthi uzomvuselela lo mdlali owayedlala ibhola elihle, edle ngephasi kanokusho esakwiBlack Leopards.

Esanda kufika uHunt kwiChiefs, wathi uyakujabulela ukuthi uzoke ambonele eduze uNtshangase ngoba vele wake wazama ukumsayina esekwiBdvest Wits kodwa Amakhosi amhlwitha kuqala.

Kodwa manje sekuzwakala sengathi naye uHunt njengoSteve Komphela, Giovanni Solinas no-Ernst Middendorp ngaphambi kwakhe, usehlulekile.

“Wonke umuntu uyazikhandla ejimini. Mina ngidlalisa abazimiselayo futhi bazikhandle ejimini. Wonke umuntu kumele akusebenzele ukuthola ijezi, kubalwa nalaba asebengenile eqenjini nabasangqongqoza, kumele bangiphoqe ukuthi ngibanike Ithuba,” usho kanje uHunt ephendula ngesimo sikaNtshangase.

“Kusukela ngafika la, wonke umdlali usenikiwe ithuba, naye ngiyambala lapho. Sinomsebenzi wokubophela iqembu labadlali abangu-11 abadlala ngendlela ehambiselanayo.

“Kodwa akekho onganikiwe ithuba, uma ubheka uhlu lwabadlali esibasebenzisile kusukela ngafika uzokubona lokhu,” kuchaza uHunt. Kuthiwa uNtshangase akakhombisi neze ukuzimisela nokuthi uyalifuna ijezi uma besejimini kanti nezinto asezenza ngasese ziyashaqisa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *