UNtshangase ungomunye wabaphoxa bethwelwe ngeqoma kwiChiefs

Naba abahlanu abaphoxa bethelwe ngeqoma kwiChiefs
USiphelele "Stash" Ntshangase
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kunabadlali abafika eqenjini elikhulu kubhekwe lukhulu kubo, kodwa bagcine bengafikanga ezingeni abebebhekwe kulo. Kule minyaka emibalwa edlule, iKaizer Chiefs ibe nabo abadlali abafika bethwelwe ngeqoma, kodwa bahamba isinyelela kuhle kwesishiphi.

Impempe izokubhekela laba badlali kuwo wonke amaqembu amakhulu akuleli, kanti namuhla sizoqala ngayo iChiefs njengoba isematheni kulezi zinsuku.

IChiefs seyibe namasizini amabi amahlanga aze angaphezu kwamahlanu. Kula masizini into okuthiwa indebe beyizwiwa ngendaba eNaturena.

Kodwa bekuthi njalo uma kuqala isizini, leli qembu limemezele abadlali elithemba ukuthi bazofike balivuse. Sekuwumlando ke ukuthi abanye babo abakwazanga ukukwenza lokhu.

Lapha sibheka abadlali abahlanu abafika kwiChiefs kuthiwa bazophenduka izihlabani, kodwa kwangahamba kanjalo.

1. Emmanuel Letlotlo

Lo mgadli wayekade eyibhakuzisa sengathi washunqiselwa ngayo ezelwe inethi eqenjini leMDC. Wabe esenyuselwa kwelikhulu ngoba ebonakala eza kahle. Nakhona kwelikhulu wakukhombisa ukuthi ikhona into ayiphethe esand akufika.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi walotha. Wagcina ekhukhuliwe yiqembu. Kwabe sekuvela ukuthi uhlulwe kakhulu wukuziphatha. Wadidwa wudumo oluhambisana nokugqoka ijezi leChiefs.

2. Kabelo Mahlasela

USkudu, okuyigama lo mdlali ayaziwa ngaye, wakubeka kwahlala obala efika kwiChiefs ukuthi uyise, uTeboho “Disco” Mahlasela wayejabule ukwedlula yena ngokuthi indodana yakhe seyizodlala kwiChiefs.

UDisco naye wayedlalile esigabeni esikhokhelayo kwiMoroka Swallows neJomo Cosmos, kodwa wayethanda iChiefs futhi efisa ukuthi ngabe wake walihlikihla kuyo.

FUNDA NALA: Izisikele kwelinonile iCovid idlula noLedwaba

Yingakho kwathi uma indodana yakhe seyilithola leli thuba, wajabula. Lukhulu olwalulindelwe kuye njengoba wayekade eyisihlabani kwiBloemfontein Celtic la ayeshiya khona amadoda elele ngomjiko wakhe osheshayo obheke phambili.

Nokho izinto wamphika waze wagcina ebolekiswa kwiPolokwane City, okwathi ebuya lapho kwakuphela inkontileka neChiefs ayangavuselelwa.

3. Bongolethu Jayiya

Wayekade ekhombise ukuba ngumgadli onekusasa elihle edlala kwiBidvest Wits, wathathwa yiCape Town City. Ichiefs yabe seyimlanda eKapa, yamkhumbuza ukuthi yena ungowaseSoweto nagkho kumele adlale kuyo. Kodwa wehluleka wancama ukungena eqenjini eliqala imidlalo waze wagcina echithwa engazange akuveze okwenza alandwe.

4. Yusuf Bunting

NjengoLetlotlo, uBunting wayekhombise ukuba ngumgadli onolobi wamagoli. Nokho akazange alithole ithuba lokuzibonakalisa. Wabe esebolekiswa kwiHighlands Park nakhona kwafike kwangacaca kahle ngaye waze wagcina enyamalele nje. Kodwa ke yena abanye babalandeli basakhala ngokuthi akazange anikwe ithuba elanele kuleli qembu.

5. Siphelele “Stash” Ntshangase 

Efika kwiChiefs, uNtshangase wazigcoba yena wathi uyilesi sinongo leli qembu ebelishoda ngaso hyonke le minyaka. Wethembisa ukuthi uzoshaya amaphasi kanokusho azokwenza ngisho umgadli obhacazayo agcine eyingwazi eyaziwayo.

Kodwa naye izinto azimhambelanga kahle futhi uhambe sekukubi njengoba ededelwe kusasele izinyanga ezintathu iphele inkontileka. Bese kunezinsolo zokuthi uyeqisa ezidlweni zabantu abadala okumenza agcine esefika sekwedlule isikhathi ejimini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *