UNtuli usize Usuthu luthola iwini yokuqala lushaya iBaroka

UNtuli usize Usuthu luthola iwini yokuqala lushaya iBaroka
UBongi Ntuli
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Sekuyacaca ukuthi into ebishoda kuMaZulu FC uBongi Ntuli – selokhu ebuyile eqenjini eliqala imidlalo uNtuli izinto zijikile kuleli qembu.

NangoMgqibelo ntambama nguye ishaye igoli elinike Usuthu iwini yalo yokuqala kule sizini eluyiqale kanzinyana.

Usuthu luwuqale kahle lo mdlalo njengoba lusheshe lwayibona la ingakhona inethi yezitha, lathatha ibhola lalinamathisela kuyo.

Kube yiphenathi etholwe uSiphesihle Maduna obegudla nesitobha seBaroka ngolayini, sabona ukuthi ngeke phela simphelezele aze ayobhekana nonozinti, samshaya.

Unompempe u-Abongile Tom ube eselikhomba emlotheni. Kulapho ke kuqhamuke uBongi Ntuli walinamathelisa enethini.

IBaroka izamile ukubuya kodwa kwasho khona ukuthi akuyihambeli kahle. Kodwa ngokomdlalo beyingaliniki Usuthu ukuthi luzenzele.

Kuyiwe ekhefini kusahamba phambili AmaZulu ngo 1-0 okuyinto ewabeke ethubeni elihle lokuthola iini yokuqala kule sizini.

FUNDA NALA: Linzima ijoka leSundowns elithwelwe yiPirates 

Esiwombeni sesibili akukho okutheni okwenzekile njengoba iBaroka beyifuna ukuthi okungenani iphume nephuzu eJonsson Kings Park, kodwa Usuthu lwanqaba.

Komunye umdlalo ngawo uMgqibelo ntambama, iGolden Arrows ibuye nephuzu kwiSekhukhune United.

Kube yishwa nje ukuthi ingatholi amaphuzu agcwele njengoba iSekhukhune ilinganise ngegoli okube yiphenathi engacacile kahle.

UMichael Gumede ubeseyibeke phambili i-Arrows kodwa iSekhukhune yabekelwa iphenathi, uYosuf Maart wayibeka enethini, kwacazwa amaphuzu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.