UNtuli uthele iSuperSport ngothuli emehlweni ewinisa Usuthu

UNtuli uthele iSuperSport ngothuli emehlweni ewinisa Usuthu
Abadlali baMaZulu bejabulela igoli
Sbongs Gumbi

Kube yigoli likaBongi Ntuli eliwelise AmaZulu FC eshaya kushunqa iSuperSport United ngo 2-1 ngoLwesithathu kusihlwa emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium.

Iqembu lasekhaya yilo elishaye igoli kuqala kulo mdlalo ebezingancengani neze kuwo njengoba bekucaca ukuthi azisabani.

Nokho kuze kwayiwa ekhefini zisabambene ingekho efuna ukugoba uphondo phakathi kwalamaqembu womabili.

iSuperSport iyona ehambe phambili kuqala ngegoli likaThapelo Maseko ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.

Usuthu lubuye lungasagayelwe mphako esiwombeni sesibili kucaca ukuthi alufuni ukubuyela ekhaya luphethe induku yombangandlala.

Nokho neSuperSport beyingazibekile phansi njengoba beyibona ithuba lokuwola amaphuzu agcwele okokuqala kule sizini.

Nokho izinto ziqale ukulukhanyela Usuthu ngomzuzu ka-64 ngesikhathi uGabadinho Mhango eveza ukuthi yini ayizele eThekwini.

Kuthe iSuperSport isibona ukuthi okungenani ingahamba nephuzu elilodwa kulo mdlalo, uNtuli waqhamuka wathi ‘chooo’ akwenzeki lokho.

Ushaye igoli lokuwina ngomzuzu ka-80 nokuyilo eliqinisekise ukuthi AmaZulu awola amaphuzu agcwele okokuqala kule sizini.

Le wini ibeke Usuthu endaweni yesibili kwilogi ngemuva kweRichards Bay yize kusengenzeka kube okwesikhashana kwazise uma iwina iMamelodi Sundowns noma i-Orlando Pirates bazobeqa bobabili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.