UNurkovic ubalisa ngokulimala kwabamqoka okuphazamise iChiefs

UNUrkovic ubalisa ngokulimala kwabamqoka okuphazamise iChiefs
USamir Nurkovic
OkaDonga Gumbi

USamir Nurkovic ukholwa wukuthi iKaizer Chiefs ngabe iqoqe amaphuzu amaningi kunalawa angu-38 enawo njengamanje kwiDStv Premiership ukube ayilinyalelwanga abadlali abamqoka.

LO mgadli waseSerbia uthi ukulimala kwabadlali abamqoka, okukhona kubo naye uqodo, yikho okunqinde iChiefs amandla kule sizini.

UNurkovic, uCole Alexander, uLeonardo Castro noKeagan Dolly sebeke bangadlala imidlalo ethile yeqembu ngenxa yokuthinteka okwehlukene.

“Uma ubheka isibalo esiphezulu sabadlali abalimalile esibe naso eqenjini, sisendaweni enhle kakhulu,” usho kanje ebuzwa ngokuba sendaweni yesithathu.

“Sibe nabadlali abaningi abailmalayo ekubeni bewusizo olukhulu eqenjini. Ithimba eliqeqeshayo belinomsebenzi onzima kodwa bacacamezelile.

“Manje izinto seziyaqonda njengoba iningi labadlali selibuyile ekulimaleni,” kusho le nsizwa eneminyaka engu-29.

UNurkovic ukholwa nawukuthi uma Amakhosi engaqhubeka nomgqigqo adlale ngawo ebhekene neChippa Unoted ngempelasonto, izinto zingaba ngcono kakhulu.

IChiefs ivuthulule kanzima iChippa iyidudulela ezembeni njengoba iyishaye ngo 3-1 ekuhambeni nje.

“Besizilungiselele kahle siya kulowa mdlalo, futhi senze konke ngendlela ebesihlele ngayo. Izinto zisihambele kahle.

“Nami ngijabule ngokuthi ngifale igama lami eshadini labashaye amagoli kulo mdlalo. Kumele siqhubeke ngale ndlela esidlale ngayo laphaya.

Uthi kumthathe isikhathi ukwelulama ngokugcwele kulandela ukuhlinzwa kwakhe kaningi ngemuva kokulimala.

“Kumele sibe neqiniso… Bengibhekene nezikhathi ezinzima ngemuva kokuhlinzwa kwami. Kodwa bengizikhandla ukubuyela esimweni ngokomqondo nangokomzimba.

FUNDA NALA: Uzokhuphula iSundowns uBerg, akancintisani nabaqeqeshi

“Manje izinto sezibuyela esimweni esijwayelekile. Ngifuna nje ukusiza iqembu ngayo yonke indlela engingakwazi ngayo,”  kusho uNurkovic.

Uzothemba ukuthi aphinde ayibhakuzise inethi uma sebebhekene neTS Galaxy eFNB Stadium ngoLwesibili kusihlwa kwazise leli qembu libathwalisa kanzima.

“Kumele sibahloniphe esidlala nabo. Esikhathini samanje amaqembu adlala ibhola elihlelekile futhi aya ngokuba ngcono kakhulu.

“Kodwa nathi kumele sizibheke thina nokuthi sidlala kanjani. Futhi uma singadlala ngale ndlela esenze ngayo sibhekene neChippa, zonke izinto zizoqonda.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.