UNurkovic ubuyise isithunzi seChiefs kwiDStv Premiership

Sihle Ndlovu

AmaZulu (0) 0

Kaizer Chiefs (0) 1

Iqede ishobolo lokuhlulwa ukuwina imidlalo yeDStv Premiership iKaizer Chiefs, kulandela ukushaya AmaZulu FC eJonsson Kings Park ngoLwesithathu ntambama.

IChiefs iye kulo mdlalo izinto zingayihambeli neze kahle. Ibisawine umdlalo owodwa kweyisishiyagalolunye, kanti ukuwina izolo kusho ukuthi seyiwine emibili kweyishumi yeligi.

Umdlalo uqale kungaMaZulu abebukeka eyingozi uma ehlasela. Ngomzuzu wesithathu uThembela Sikhakhane woSuthu ube nenhlanhla ukuthi angatholi ikhadi elibomvu, ngemuva kokudlalisa kabi uHappy Mashiane. Uthole ikhadi eliphuzi.

AmaZulu aqhubekile nokuhlasela kodwa kwathi ngomzuzu ka-11 enza iphutha emuva, ibhola lawela kuSamir Nurkovic, walibeka phakathi. UNurkovic ubeqala ukuqala umdlalo kule sizini kanti bese kuwumdlalo wakhe wesibili weligi. Okucacile kulo mdlalo ukuthi bekunguqina thambo nokwenze ukuthi ziye ekhefini unompempe esinike abadlali abathile amakhadi aphuzi. Labo badlali uNurkovic, Philani Zulu kwiChiefs, noThapelo Xoki benoSikhakhane kuMaZulu.

Ngesiwombe sesibili Usuthu luqale kucaca ukuthi lufuna igoli lokulinganisa. Ngomzuzu ka-61 uBenni McCarthy ufake uLuvuyo Memela endaweni kaXola Mlambo. Nokho igoli lokulinganisa alivumanga ukuqhamuka.

Ngomzuzu ka-74 uGavin Hunt ufake uKearyn Baccus, kwathi endaweni kaBernard Parker wafaka uNjabulo Blom. UBenni akazibekanga naye phansi njengoba efake uLehlonolo Majoro endaweni kaTalent Chawapiwa. Nokho nalapho alubanga khona ushintsho njengoba amaqembu abelokhu eshukana kuhamba phambili iChiefs ngo 1-0.

Sekuzophela umdlalo kucacile ukuthi uGavin Hunt akasafuni ukudedela igoli efaka uKgotso Moleko endaweni kaDumisani Zuma ngomzuzu ka-88. Umdlalo ugcine uphele ngo 1-0 abuyisa izithunzi Amakhosi.

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neCape Town City, eCape Town Stadium, ngoMgqibelo.