UNurkovic unukelwa ukuba yisihlwele uma eqhubeka nokubhacaza: Baxter

UNurkovic unukelwa ukuba yisihlwele uma eqhubeka nokubhacaza: Baxter
USamir Nurkovic
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uma zingajiki izinto kuSamir Nurkovic kwiKaizer Chiefs angazithola eseyisihlwele. Lokhu kuvezwe umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter ngalo mgadli osadukelwe yofomu.

UNurkovic akawuqedanga umdlalo ngesikhathi bebhekene neTS Galaxy eMbombela Stadium ngeSonto.

Abanye abalandeli beChiefs abasayiboni kahle ekaNurkovic njengoba kungekho okutheni asakwenzile kusukela ngesizini yakhe yokuqala.

Kukhona nabakhala ngokuthi isitayela sikaBaxter siyamsonta lo mdlali waseSerbia futhi bakahlela ukuthi kutholakale nabanye abagadli abazomeseka.

Nokho uBaxter uthe akukho okungajwayelekile okwenzeka kuNurkovic futhi naye ebona ukuthi usazama ukubuyela emgqigqweni awukhombise ngesizini yokuqala.

Kodwa khona lapho lo mqeqeshi uthe kungenzeka babuye baphelelwe yisineke ngaye uma izinto zingamhlanganeli bazame ngabanye abadlali.

“Ngicabanga ukuthi akukho okungahambi kahle ngokulambela kukaNurkovic ukudlala,” usho kanje uma ebuzwa ngokuthi kungabe mhlawumbe uphelelwe wimdlandla uNurkovic.

“Uyafisa ngayo yonke indlela ukwenza kahle enzela thina (iqembu). Ukulimala, ukungabi khona eqenjini ngenxa yokulimala, nesikhathi eside engalishayi igoli, ngicabanga ukuthi kumthikameze kakhulu.

“Ngaleyo ndlela ukuthola kunzima ukwenza ngendlela ayijwayele,” kusho uBaxter kucaca ukuthi uyamvikela
uNurkovic.

“Sithe ukumshintsha kancane indlela adlala ngayo ukuze angazitholi efulathele ipli njalo uma ethola ibhola.

“Uma sikwenza lokho ngesikhathi siziqeqesha ejimini ubukeka emuhle kakhulu futhi ekujwayela lokhu, yingakho
sigqugquzelaka ukuthi silokhu simsebenzisa ngale ndlela.

“Yena kumele aqhubeke nokuzama kuze kube uyafika ezingeni lakhe. Bonke abagadli bayadlula esimeni lapho besuke bengadlali ibhola abaziwa ngalo.

“Sizomnika isikhathi simbekezelele kodwa ekugcineni njengeqembu kumele sifake enkundleni abadlali abazosiwinela imidlalo.”
UBaxter uthe weneme ngendlela afike wasebenza kanzima ngayo uKeagan Dolly obese kunesikhathi agcina ukudlala.

Usayine kwiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini. Usangene ngesiwombe sesibili kuyo yomibili imidlalo esadlalwe yiChiefs kule sizini.

“Kuseduze kakhulu ukuthi uKeagan aqale imidlalo. Ngesikhathi esayina ubesehlale isikhathi eside engadlali, ngakho ubesemuva kakhulu.

“Usebenza ngokukhulu ukuzimisela. Uma engena emidlalweni aseyidlalile wenza kahle kakhulu,” kuchaza uBaxter.

FUNDA NALA: UDa Gama ubone lisebenze kahle icebo labo bebambana neChiefs

“Ngiyakuhalela kakhulu ukuthi ngimfake aqale imidlalo kodwa uma senza lokho singase simbeke engozini yokulimala okufana nokudonseka umsipha.

“Angifuni ukumfaka aqale imidlalo ngokushesha. Kodwa engingakusho ukuthi usesondele ekutheni ayiqale imidlalo,” kuphetha uBaxter.

UDolly uphinde wangena esuka ebhentshini ngesikhathi bebhekene neGalaxy ngeSonto. Nguye ongene endaweni kaNurkovic ngesiwombe sesibili.

IChiefs izobhekana neBaroka FC emdlalweni wayo wesibili weDStv Premiership eFNB Stadium, ngoLwesithathu ntambama.

IBaroka ihambela phezulu kwazise ivule kahle ibhaxabula omkhaya bayo baseLimpopo iMarumo Gallants ngo 2-0 ngempelasonto.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *