UNurkovic usejahe ukungena enkundleni aqede umsebenzi

UNurkovic usejahe ukungena enkundleni aqede umsebenzi
USamir Nurkovic
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

USamir Nurkovic uthi ukudlala imidlalo emikhulu njengowamanqamu weCAF Champions League yinto ayephupha ngayo esengumfanyana omncane eSerbia. Selifezekile ke leli phupho lalo mgadli njengoba ezobe ethwele amathemba eKaizer Chiefs uma seyibhekene ne-Al Ahly ngoJulayi 17.

Lezi zinkunzi zizokhiphana inkani kubangwa isicoco seChampions League eStade Mohammed V, eCasablanca. UNurkovic uthi usewubheke ngabomvu lo mdlalo.

“Wumuzwa omangalisayo kimi ukungena kowamanqamu kwiCAF Champions League. Ngesikhathi ngisemncane, ngangiphupha ngokudlala imidlalo emikhulu kanjena. Lelo phupho selifezekile. Sengiwubheke ngabomvu umdlalo,” usho kanje.

Uthe ukuze bengagcini bengenwa amanzi emadolweni umdlalo ungakaqali kwakuqala, akumele bacabange kakhulu ngezimbangi zabo nezikwazi ukukwenza. I-Al Ahly ecijwa wuPitso Mosimane akulona iqembu elilula futhi lingakubukanisa ngezwe uma kulivumile.

“Ngiyazama ukuthi ngingacabangi ngamanye amaqembu. Okumele sikwenze ukubahlonipha bese sizimisela. Kumele sizilungiselele kahle,” kuchaza lo mgadli oneminyaka engu-29, ozalwa eTutin.

“Lena yinto okukade ngangiyisebenzela kanzima. Ukudlala kwethu kowamanqamu kuyinto enkulu ezweni lonke laseNingizimu Afrika. Ngijabule ukuthi ngiyingxenye yalo mlando waleli qembu elikhulu kangaka nokumela iNingizimu Afrika.

FUNDA NALA: IChiefs inoMshini wayo omncane edla ngawo abantu

“Kuyinto enkulu naseqenjini. Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yaleli qembu elikhulu njengeChiefs. Unyaka wesibili lona ngilapha futhi lokhu yinto enkulu esengike ngayizuza. Sengijahe ukuthi uqale umdlalo ngenze umsebenzi.”

Kule mpumelelo yeChiefs eyingqophamlando, kushode into eyodwa – abalandeli. UNurkovic uthi bayabakhumbula abalandeli, wathi uthemba ukuthi bazobuya ezinkundleni maduze.

“Iyodwa nje into esiyikhumbula kakhulu manje uma sisenkundleni, abalandeli bethu. Ngiyethemba bonke baphephile futhi baphilile emakhaya futhi sizobabona enkundleni maduze.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *