UNurkovic wasiza ekutheni iSundowns ithole unyazi olunguSafranko

UNurkovic wasiza ekutheni iSundowns ithole unyazi olunguSafranko
UPavol Safranko
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi umgadli weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic waba nesandla ekutheni iMamelodi Sundowns igcine ilutholile unyazi lo mgadli osanda kusayina kuyo. Imenenja kaNurkovic ithe ukwenza kahle kwalo mgadli weChiefs odabuka eSerbia kuleli kusizile ukuthi uPavol Safranko avume ukuza eChloorkop.

Kuthiwa uSafranko wafunda ngokwenza kahle kukaNurkovic, wabe esebona ukuthi cishe naye engafike alunge ukuphenduka undabuzekwayo kuleli.

“Okokuqala nje engizokusho wukuthi uSafranko ufike ngemali eshisiwe kuleli, ” ucashunwe esho kanje uDejan Simac oyimenenja kaNurkovic ngabeSowetan.

“Baxoxa (uNurkovic noSafranko). USafranko wachazeka ngakuzwa nakubona ngeNingizimu Afrika,” kuchaza uSimac. Uthi nokho uSafranko wabuye wazitholela nolunye ulwazi eceleni.

“USafranko wabe esefunda kabanzi ngempumelelo kaSamir baze bagcina sebejwayelene impela. USamir wamgqugquzela ukuthi akeze ngoba kuleli ngoba leli yizwe elihle futhi nePSL yiligi enkulu.

FUNDA NALA: UDolly uthi isizoba yinkinga kakhulu iCBD manje

“Ukubona impumelelo kaSamir kwiChiefs kwenza kwaba lula kuPavol ukubona ukuthi naye engeza kuleli azobona ukuthi ngeke yini kumlungele.”

UNurkovic noSafranko bake badlala kwiligi yaseSlovakia ngo-2017. Lo mgadli weChiefs wayekwiVion Zlate Moravce kanti uSafranko wayekwiDunajska Streda ngaleso sikhathi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.