Unxenxa abaphathi ukuthi babe nesineke oxoshwe kwiChiefs

Tshepo Motsoaneng Chiefs
UTshepo Motsoaneng
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook

UTshepo Motsoeneng ucela abanikazi bamaqembu akuleli ukuthi banikeze abaqeqeshi abamnyama ithuba bazibonakalise bangasheshi babakhombe indlela kungenasidingo.

Lo mqeqeshi osemncane uzakhele igama ngokukhuphula iBizana Pondo Chiefs ayisuse kwi-ABC Motsepe League, ayifake kwiGladAfrica Championship.

Uthi kungumkhuba omubi lokhu okwenziwa ngabanikazi bamaqembu akuleli sokungabi nesineke kubaqeqeshi.

“Thina sivele sijahe ukuxosha nje… asimniki umqeqeshi isikhathi esanele sokuba alakhe iqembu lize libe yilento asuke eyifuna.

“Abaphathi bamaqembu kumele bafunde kuKhulu Sibiya (weSuperSport United) noPatrice Motsepe (obephethe iMamelodi Sundowns). Laba bobabili bayakwazi ukunika abaqeqeshi ithuba elanele.

“Lokho kubanemiphumela emihle kakhulu kula maqembu asePitoli,” kusho uMotsoanenge oxoshwe ngasekupheleni kwesizini ngenxa yokuphikwa yimiphumela.

IChiefs igcine idliwe yizembe. UMotsoaneng uphinde wabonga uPitso Mosimane ngokumcushisa kokuningi ngesikhathi eyiphini lakhe kwiSuperSport. Ube esembongela lo uMosimane ngempumelelo yakhe, wathi kumfanele ukuba kuleli zinga akulo.

UMotsoeneng useqeqeshe amaqembu amaningi kanti njengamanje ucija iBuffalo City Stars. Nayo iStars useyithathe wayifaka emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiGladAfrica Championship.

Imidlalo yokuhlunga izoba seMpumalanga. UMotsoeneng uthe bayazi ukuthi kuznima kule midlalo yokuhlunga. Nokho unethemba lokuthi ulwazi lwakhe luzomwelisa njengoba ensile ngeChiefs nyakenye.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *