Unxenxa abasubathi ukuthi baqikelele uma bekhetha imijaho

UNkosikhona Mhlakwana

ALFRED NGUBANE

Njengoba sekuzovuleleka imijaho ezweni kulandela ukumiswa kwayo ngenxa yokubheduka kweCovid-19 nyakenye, uMartin Ngwenya wexwayisa abasubathi ukuthi bangavele bangenele noma yimiphi.

UNgwenya ungumphathi weMaxed Running Club engenye yamaqembu abasubathi ahlonishwayo kuleli.

“Akumele bangenele imijaho ngoba nakhu ikhona ngoba lokho kuyabalizama ekugcineni,” kuxwayisa okaMntimande.

Ekhuluma neMpempe ngoLwesine, uNgwenya uthe kubalulekile ukuba abasubathi bazinakekele, bangazigqilazi ngoba bejabulele ukuthi sebebuyele emgwaqeni ngemuva kwesikhathi eside.

Ubelungiselela nohambo olubheke eGqeberha la abasubathi bakhe beyoncintisana nabanye kwiSA Half Marathon ngempelasonto.

Kubasubathi abathembile ukuthi bazogila izimanga, kukhona oNkosikhona Mhlakwana noMakwande Mcengi.

UMhlakwana osekhombise ukuba ngumsubathi ophambili kuleli, kanti kuthe ngo-2019 wangena endaweni ka-11 kwiComrades Marathon. Ukhombisa ukukhula kahle futhi ubukeka enekusasa eliqhakazile.

Useke wawina iZululand District Municipality Marathon. Ngempelasonto edlule unqobe iTrail Run Okhahlamba.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.