UNyakane usazizwa ekhethekile uma edlala kuMabhokobhoko

UNyakane usazizwa ekhethekile uma edlala kuMabhokobhoko
UTrevor Nyakane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UTrevor Nyakane uzoqala umdlalo uma amaBhokobhoko esebhekene ne-Australia emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship ngoMgqibelo.

UNyakane, osedlale imidlalo engu-48 kumaBhokobhoko, ufakwe eqenjini noMavin Orie njengoba bezama ukubuyisa izinduku kwi-Australia ebashaye ngesonto eledlule.

Omunye umdlali ozoqala umdlalo uSteven Kitshoff, ozongena endaweni ka-Ox Nche’. I-Australia ishaye iNingizimu Afrika ngo 28-26 ngeSonto.

NgoMgqibelo ngo-9.05 ekuseni amaBhokobhoko azozama ukuthola amaphuzu amane eSuncorp Stadium khona e-Australia.

UNyekane uthe ujabule ngokuthi usehlale isikhathi eside kangaka egqoka imibala yeqembu lesizwe lakuleli.

“Kuhlale kuyinto ebalulekile kimina ukugqoka imibala enokoluhlaza nokusagolide,” kusho uNyakane.

“Ngijabule ngale mpelasonto ezayo, ngiyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa ngikulungele ukungena enkundleni ngimele izwe lami.”

INingizimu Afrika iyadinga ukuwina ngoMgqibelo ngoba uma kungenzeki lokho izosala kwiNew Zealand ezihola phambili.

AmaBhokobhoko asendaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-10. I-All Blacks izihola phambili ngawu-15 ngemuva kwemidlalo emithathu.

“Kuhlale kunzima uma ubona ukuthi uwuphethe umdlalo futhi kumele uzuze okuthize kodwa kungenzeki.

FUNDA NALA: Imlalisa kabi u-Owen Da Gama indaba kaPeter Shalulile ongase abalimaze

“Sizozama ukwenza lokhu esihlale sikwenza ngendlela engcono. Uma siphethe umdlalo kodwa singatholi umvuzo sisuke sizikhathaza thina ikakhulukazi imilenze,” kusho uNyakane.

AmaBhokobhoko adlale kahle ngesonto elidlule kodwa enza amaphutha ambalwa aholele ekutheni angawuwini umdlalo.

Kulawo maphutha kubalwa ukudala amaphenathi endaweni eyingozi. Empeleni iNingizimu Afrika yayihamba phambili ngo 26-25 sekuzophela umdlalo kodwa yadala iphenathi eyayibeka phakathi i-Australia kwaphela kanjalo.

Komunye umdlalo weChampionship kuzobhekana iNew Zealand ne-Argentina ngemuva kowamaBhokobhoko ne-Australia. Ngeledlule i-All Black ibhaxabule iPumas ngo 39-0.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.