UNyatama uphuce iSundowns amaphuzu isithembile

Sihle Ndlovu

Mamelodi Sundowns (1) 1

Swallows FC (0) 1

Idedele amaphuzu isiwaphethe iMamelodi Sundowns ngesikhathi ivumela igoli ngomzuzu wokugcina ngci ibhekene neSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo.

Igoli eliphule izinhliziyo zabadlali beSundowns, nabalandeli bayo, libaselwe phakathi uMusa Nyatama ngomzuzu wokugcina kule ebingezwe unompempe.

IZinyoni zibuyele kwiPremiership kule sizini kanti selokhu zinyukile aziyazi induku emidlalweni yeligi. ISwallows neSundowns abakashaywa emidlalweni yeligi kanti ngoMgqibelo bekubhekeke ukuthi liphuke irekhodi lelinye lalamaqembu.

Igoli elihambise phambili amaBrazilians lishaywe uKermit Erasmus ngomzuzu ka-45. Ngemuva kwalokho iSwallows izame ngayo yonke indlela ukuthola igoli lokulinganisa kodwa kwaze kwalunga ngomzuzu wokugcina ngesikhathi ithola ifree kick ngaphandle kancane kwebhokisi.

Umdlalo ubuvele uphethwe yiSundowns futhi iyona ebibukeka iyingozi uma iya phambili. Okuhlaluke emdlalweni wayizolo ukuthi iSwallows ibingafinyeleli ngendlela emapalini kaDenis Onyango nokuze kwaphoqa umqeqeshi uBrandon Truter ukuthi akhiphe isethenjwa somgadli wakhe uRuzaigh Gamildien.

Bese kungokwesithathu kulandelana iSundowns idlala ngokulingana. Iqale yabanjwa yiSuperSport United ngo 0-0 yabuye yabanjelwa ekhaya yiBloemfontein Celtic ngo 0-0. Lokhu kusho ukuthi isidedele amaphuzu ayisithupha emidlalweni emithathu edlule.

Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana neBlack Leopards ngoJanuwari 27, kanti iSwallows iyoze ibhekane naMaZulu ngoFebhuwari 14.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.