UNyathi umangazwa ukushiywa ngaphandle kukaLakay kwiBafana

UNyathi umangazwa ukushiywa ngaphandle kukaLakay kwiBafana
ULyle Lakay
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UDavid “Going Up” Nyathi ufana neningi labalandeli bakuleli abangakuqondi ukuzitshwa kukaLyle Lakay weMamelodi Sundowns kwiBafana Bafana’

ULakay ngomunye wabadlali abawenza ngesinono umsebenzi wabo kwiPremier Soccer League futhi uhlale ezimisele ngendlela eyodwa.

Uphinde adlise nangokushaya ama-free kick amahle avamise ukukhala enethini. UNyathi, owaduma esadlala ko-Orlando Pirates, Cape Town Spurs neKaizer Chiefs uthe akekho odlula uLakay kuleli.

“Kubadlali basemuva ohlangothini lwesinxele nguyena osezingeni eliphezulu kakhulu kubadlali abadlala le ndawo,

“Lo mfana unekusasa elihle kakhulu. Ngimbona engayivala thaqa le ndawo kwiBafana,” kusho uNyathi owayedlala kuyo le ndawo naye kwiBafana.

“Le ndawo kudala isisokolisa futhi sekuphele iminyaka singenaye umdlali onjenganaye. Muhle ngoba uyakwazi ukuphunga izitha abaphinde abe muhle uma sekuhlaselwa.

“Nokushaya ama-freekick awabeke phakathi kumbeka ezingeni lakhe yedwa. Usekhule kakhulu lapha kwiSundowns njengoba usedlale emdlwalweni yeCAF Champions League nje.

“Kodwa ngisakhala ngabaqeqeshi abaqeqesha iqembu lesizwe ukuthi banokumziba. Mina angazi ngempela ukuthi baqoka abadlali abanjani.

FUNDA NALA: ULorch usola usola ukungabambisani kwiPirates

“Lo mfana angafika adlale kunoma ngabe yiliphi iqembu e-Europe. Nakuba kuningi okusamele akufunde kepha kumele anikezwe ithuba elanele.

“Abaqeqeqshi beBafana Bafana kumele ngabe bakhela kuye  iqembu eliqinile elizomela iNingizimu Africa kwiNdebe yoMhlaba,” kuphetha uNyathi.

Lomakadebona waba ngomunye wabadlali abahlabana ngeCAF African Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.

Wayekhona naseqenjini eladlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-1998 eFrance waphinda waqokwa kwikhethelo leFiFa nelabe libophele izihlabani zamazwe ngamazwe ezihlonishwayo umhlaba wonke.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.