UNyauza ubona seyilungile inkinga yasemuva kwiPirates

UNyauza ubona seyilungile inkinga yasemuva kwiPirates
UNtsikelelo Nyauza
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UNtsikelelo Nyauza ubona ukuthi izinto sezingcono kakhulu emuva kwi-Orlando Pirates kwazise ayisavuzi kakhulu.

Phela leli qembu like lanenkinga enkulu yokuvala emuva obekwenza lilahlekelwe yimidlalo noma kungafanele.

Lokhu kufakazelwa wukuthi emidlalweni eyishumi iPirates esayidlalile kwiDStv Premiership isingenelwe amagoli ayishumi.

Yona isayibhakuzise amahlandla angu-11 kuphela inethi okwenza uNyauza abone sekufanele bagxile ekulungiseni phambili manje.

“Ngicabanga ukuthi ukusuka manje siya phambili kumele sisebenzise amathuba esiwakhayo.

“Sesilungisile emuva manje,” kusho uNyauza obedlala okokuqala ebuya ekulimaleni ngesikhathi iPirates ibambana ngo 0-0 neGolden Arrows ngoMgqibelo.

“Inkinga nje manje wukuthi sisesikhathini la sakha khona amathuba amaningi kodwa silahlwe yinhlanhla uma sekumele siwasebenzise,” kuqhuba yena.

Idlala ne-Arrows iPirates ishode ngenhlanhla ngampela kwazise kunamabhola amabili ashaye ipali esemdile unozinto waBafana Bes’thende.

Esiwombeni sokuqala uFortune Makaringe ushaye elihle ibhola engaphandle kwebhokisi, lashayisa ipali uNkosingiphile Gumede engalibonanga nhlobo.

Kwesesibili uDeon Hotto naye ushaye elihle ibhola kade libekwe phansi, kodwa naye elakhe lashaya epalini kade limdidile uGumede.

“Sikuleso simo kodwa kumele singapheli umoya siqhubeke siwakhe amathuba.

“Uma kufanele, kufanele sakhe amathuba ayishumi ngoba lapho cishe elilodwa noma amabili azogcina esebenzisekile.”

FUNDA NALA: UMngqithi uthi iSundowns isindwa ijoka ezithwese lona

Cishe nakhona phambili kuzoyilungela iPirates maduze nje kwazise sekubuye izingwazi zayo ezithenjwayo oThembinkosi Lorch noZakhele Lepasa.

Laba badlali bebelimele isikhathi eside kodwa sebeqalile ukujima neqembu kanti bazobuyela ekudlaleni maduze nje.

NoTshegofatso Mabasa uselumele kanti usebuye abe sesimweni esifanele ukuthi usengawudlala uqala uze uphele umdlalo.

NoKwame Peprah okunguyena osaqaliswa kulezi zinsuku ubukeka eza kahle yikho nje ukuthi ubuye atatazeliswe yixhala lokufuna ukuzibonakalisa.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.