Unyawo oluhle kwiPirates ibuya nephuzu eLibya

UPaseka Mako

OKADONGA GUMBI
Bekungumdlalo obungawinwa yinoma yiliphi iqembu phakathi kwe-Al Ahly Bengazi yaseLibya ne-Orlando Pirates yakuleli kodwa waphela zibambene ngo 0-0, okuwumphumela ivuna iBucs.
La maqembu abebhekene emdlalweni weCAF Confederation Cup weqoqo lesibili eMartyrs of February Stadium, eBengazhi, eLibya ngeSonto kusihlwa. IBucs ayizange ikhombise ukuthi isekuhambeni njengoba ibingaxincengi lezi zimbangi zayo ifuna ukuzishayela ekhaya.
Nokho yehlulekile wukuthola igoli ebelizoyibuyisela phezulu kuGroup A osekuqhwakele kuwo i-Enyimba yaseNigeria eshaye i-ES Setif ngalo iSonto emini.
Yize ingawinanga, kodwa ukuthola iphuzu yinto okumele iyijabulele iPirates kwazise liyibeka endaweni engcono futhi isinethuba elihle lokuthi idlulele esigabeni somkhumulajezi.
IBucs isinamaphuzu amahlanu kanti isele ngelilodwa kwi-Enyimba njengoba sekusele imidlalo emithathu – owasekhaya ne-Al Ahly, owasekhaya neSetif nowasekuhambeni ne-Enyimba.
Uma ingawina le midlalo emibili ezayo, iPirates ingazibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo. Emdlalweni wangeSonto, yize nayo beyihlasela futhi ikhombisa intshisekelo yokuwina, ne-Al Ahly beyingazibekile phansi.
Empeleni nje, kube wumsebenzi omuhle kaWayne Sandilands obesezintini zeBucs osize leli qembu likaJosef Zinnbauer libuye nephuzu. USandilands uvimbe amabhola anzima e-Ahly sekuvalwe amehlo izikhawu eziningana impela.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.