UParker kuyamudla ukuthi ngeke aphinde agqoke ijezi leChiefs

UParker kuyamudla ukuthi ngeke aphinde agqoke ijezi leChiefs
UBernard Parker okhonjwe indlela kwiKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

UBernard Parker uthi akakakholwa namanje ukuthi ngeke aphinde angene enkundleni eqgoke ijezi leKaizer Chiefs.

UParker ngomunye wabadlali abadedelwe yiChiefs ekupheleni kwesizini edlule ngoba ibona ukuthi akusekho abangakwenzela iqembu.

Ukushaywa kwakhe ngesithende kwabajabulisa abanye babalandeli baleli qembu ababekhala ngokuthi udla isikhala sabadlali abasebancane.

Ekhuluma kwi-Extratime Sports kwiGagasi FM ngoLwesihlanu, uParker uthe usekwemukele olkhu okwenzekile yize inhliziyo isaqaqamba nje.

“Ngibe nazo izikhathi ezinhle nezimnandi kwiChiefs – ezinye kube ngezesikhashana, ezinye kwaba yisikhathi eside,” kusho lo mdlali.

FUNDA NALA: Uphelile umshado kaMalesela neGallants

“Okunye kwakho wukuthi ngibe ngumdlali ohamba phambili ngamagoli kwiChiefs kusukela kwasungulwa iPSL nokuthi ngidlale imidlalo yedabhi amahlandla angu-30.

“Ngeke ngithi sengikwemukele ukuthi ngiyashiya kwiChiefs kodwa ngiyaqonda ukuthi ibhola liyibhizinisi ngakho kumele kube nezinqumo.

“Izinqumo ezifana nokuthi yini wena ongayenzela iqembu nokuthi lona lifunani kuwe ngalesi sikhathi. Ngikwazile ukukuqonda lokho,” kuchaza uParker.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.