UParker uselolekile usefuna amanye amagoli kwiChiefs

UParker uselolekile usefuna amanye amagoli kwiChiefs
UBernard Parker noSamir Nurkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UBernard Parker ngomunye wabadlali ababengaconsi phansi kubalandeli beKaizer Chiefs kodwa muva nje usenegazi elibi.

Abanye sebeze bamsole ngokuthi unenyanga enhle emphalazisa ngovelabahleke okuthi uma efika eNaturena bamthande baze bamvulele izicabha zemoto yakhe.

Indlela abalandeli abandasayizwa ngayo indaba kaParker, abaningi bebebheke ukuthi abe ngomunye wabadedelwayo njengoba iqembu lihlelwa kabusha.

Nokho usalile njengoba bebededelwa abanye okukhona kubo noWillard Katsande obeyinsika yeqembu esiswini.

UParker yena uziqhubekela ngomsebenzi wakhe awuqashewe futhi uthi ujabule ngendlela asebesheshe bahlangana ngayo nabadlali abasha.

“Bengingalindele ukuthi kusheshe kanje njengoba iqembu lihlelwe kabusha futhi sinabadlali abasha. Bengingalindele ukuthi sisheshe siwubambe kanje umgqigqo.

“Kuhle ukuthi sesisheshe sazwana kanjena. Lokho kuzokwenza ompetha (iMamelodi Sundowns ) balale obenyoni.

“Ngikholwa wukuthi sizokhula sibe ngcono bese kuba nzima kakhulu ukusishaya ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uParker.

“Ziningi izimpawu zokuthi Amakhosi ayabuya uma ubheka indlela yokudlala nesiko lokuwina. Sekusele kithi singabadlali ukuthi siqhueke nokuzikhandla njalo uma sidlala.”

UParker ushaye igoli lokuqala ngesikhathi iChiefs icishe iyiphuca iqatha emlonyeni iSundowns kwiMTN8 ibuya seyilandela ngemuva ngo 2-0.

Lo mdlalo obungempelasonto edlule, wagcina uphele ngo 2-2 iSundowns yawina sekukhahlelwa amaphenathi ukuze idlulele phambili.

Uthi ukuthokozele ukudlala njengomdlali ebambisene noSamir Nurkovic okuyikho okwenze akwazi nokushaya igoli.

“Bengidlala phambili kulowa mdlalo, ngingumgadli. Emidlalweni edlule bengidlala esiswini bese ngingakwazi ukungena ezikhaleni la ngingakwazi ukushaya khona igoli.

“Bengisuke ngizama ukuhlanganisa iminyakazo ukusiza iqembu lihlasele. Kulokhu bengiphambili. Ngisebenzise ubukhali bokuba wuBernard Parker engazalwa nabo.

FUNDA NALA: UBroos ubachazile abaningi ngeqembu aliqokile kwiBafana

“Bengilokhu ngizama ukungena ezindaweni la ngizokwazi khona ukushaya igoli. Bekumnandi ukudlala laphaya.

“Ngiyafisa ukuqhubeka ngishaye amanye amagoli uma ngizoqhubeka nokudlala phambili. Kodwa noma ngabe umqeqeshi ungifaka kuthi, uBernard Parker uyohlale ezikhandla ngokuphindiwe,” kuchaza yena.

UParker uqiniseke idolo ngendlela abangazange batheneke amandla ngayo yize bese belandela emuva ngamagoli amabili kwiSundowns.

“Okuhle wukuthi noma sesisele emuva ngamagoli amabili siqhubekile nokulwa. Besilokhu silwa sibheke phambili, sigqugquzelana ngokuthi sizokwazi ukubuya.

“Sigcine sesidlala kahleSiqalile sangasaba sahlasela ngokukhululeka kanti kusisebenzele lokho. Sibacindezelile baze bagcina begobile.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.