UPavol Safranko usazogqama kwiSundowns, kusho uMokwena

UPavol Safranko usazogqama kwiSundowns, kusho uMokwena
UPavol Safanko noKermit Erasmus
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi bayakwazi abazokwenzelwa ngumgadli omusha uPavol Safranko.

Uthi akubanga wukuthatheka okubenze basayina uSafranko odabuka eSlovakia. USafranko nguye oshaye igoli leSundowns idlala ngokulingana neGolden Arrows ngempelasonto.

Nokho ufika nje unengcindezi kwazise sebebaningana abagadli bangaphandle abafike baxakeka kwiSundowns bagcina bekhonjwe indlela.

Kubo singabala oCuthberth Malajila, Jeremy Brockie noMauricio Affonso abafike bethenjiwe kodwa behluleka eChloorkop.

USafranko naye akaqalanga kahle njengoba ashweba iphenathi emdlalweni wakhe wokuqala la abahlula khona iKaizer Chiefs kwiMTN 8.

“Siyakwazi azosinika khona,” kusho uMokwena ngalo mgadli omude. “Uhlaka lokuthungathwa kwabadlali kwiSundowns lumehlo maningi.

“Ngakho umdlali uyabhekisiswa ngaphambi kokuthi kuze kuqalwe ukuba kwenziwe imizamo yokumlanda.

“Besazi ukuthi sidinga umgadli ongasheshi kakhulu. Besidinga umuntu ozisisiza uma sibhekene namaqembu ahlala emuva evimbe kuphela.

“Kubonakalile kancane akuphethe ngesikhathi engena sibhekene neChippa United, wenza kahle. Into asenzela yona akukhona ukubamba ibhola bese elinika ozakwabo abeza ngemuva kwakhe.

FUNDA NALA: ISharks izandisele isisindo ishaywa yiWestern Province kwiCurrie Cup

“Akanankinga uma ethola ibhola efulathele ipali esikora kulo kanti ke akacucuzi uma esephambi kwepali,” kuchaza uMokwena.

Ube esechaza nangoKutumela, wathi usesheshe wangena esitayeleni sabo kanti uSafranko yena kusazomthatha isikhashana.

“UKutumela ngumdlali esimazi kahle kakhulu. Akadingi isikhathi sokujwayela ngaphandle kokuthi kumele alwele indawo yakhe eqenjini.

“Kodwa uPavol yena usazodinga isikhathi ukuze ajwayele kahle bese engena nasesitayeleni sethu sokudlala.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.