UPeprah uncoma isibindi kwiPirates ebuye kade seyilandela ngemuva

UPeprah uncoma isibindi kwiPirates ebuye kade seyilandela ngemuva
UKwame Peprah
OkaDonga Gumbi

I-Orlando Pirates icishe yazifaka ehlazweni ngesikhathi iyeka iqembu laseSwatini liwashaya kuqala amagoli emdlalweni weCaf Confedewration Cup ngeSonto.

IRoyal Leopard ike yahamba phambili ngo 2-0 kusaphele imizuzu eyishumi kuphela umdlalo uqalile, kwabukeka izoyidumaza iBucs.

Nokho iPirates ibuye yavuka emaqandeni, yabuyela emdlalweni njengoba igcine iwine ngo 6-2 ukuze ivule igebe phezulu kuGroup B wale midlalo.

NJengamanje iPirates iyona eqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kwemidlalo emithathu.

Nokho isangasuka kule ndawo uma i-Al Ittihad ingawunqoba umdlalo esalele ngawo emuva ezobhekana kuwo neLeopard.

Amaqembu amabili aqede phezulu kuleli qoqo yiwo azodlulela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano ongowesibili ngobukhulu ebholeni lase-Afrika.

FUNDA NALA: UThobejane uthi uzoyikhipha iBaroka ezembeni

UKwame Peprah ongumgadli ube ngomunye wabashaye amagoli kulo mdlalo wePirates kanti usencome isibindi sozakwabo ngokubuya sebelandela ngemuva.

“Size kulo mdlalo sazi ukuthi ngeke kube lula neze. Sibonga uMdali ngokusipha le wini,” kusho uPeprah odabuka eGhana.

“Ngibonga lonke iqembu ngomdlandla esiwukhombisile ukuze sibuye kade sesilandela ngemuva ngaleya ndlela sigcine siwine ngo 6-2,” kuchaza lo mgadli.

Ukubuya kwePirates kulo mdlalo kuqale ngegoli elibe ngumkhonto ogwaza ekhaya likaMachawe Dlamini.

Kube sekulandela uBandile Shandu nelakhe obekungelesithathu kulo mqhudelwano. Kube sekulandela uPeprah, Happy Jele, Kabelo Dlamini noTerrence Dzvukamanja.

Abaqeqesh bePirates bazothemba ukuthi abadlai babo bazoqhubeka nokuqhulula amagoli nasemidlalweni yeDStv Premiership.

IPirates izogadulisana neKaizer Chiefs emdlalweni weligi e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.