UPercy Tau akasafuni ukudlalela uBroos kwiBafana, kusho owe-Al Ahly

UPercy Tau akasafuni ukudlalela uBroos kwiBafana, kusho owe-Al Ahly
UPercy Tau noHugo Broos
OkaDonga Gumbi

Sekuphume imibiko ethi umdlali we-Al Ahly, uPercy “Lion of Judah” Tau, akasazimisele ukuphinde adlale kwiBafana Bafana uma nje isaqeqeshwa nguHugo Broos.

UTau ukhishiwe eqenjini leBafana elizodlala eyobungani neGuinea neFrance kule mpelasonto, kulandela ukulimala kwakhe.

Nokho ngokokubika kwabeKingfut yase-Egypt, isishiphelene phakathi kwalo mdlali noBroos.

Owayengunozinti we-Al Ahly futhi osengumhlaziyi webhola kodwa onolwazi lwakho konke okwenzeka kuleli qembu, u-Ahmed Shobier, ucashunwe ethi uTau akasafuni ukudlala kwiBafana.

Uthe indaba isuswe yinkulumo kaBroos, lapho ethe khona uTau kudingeka athathe ikhefu elide engadlali ukuze alulame ngokugcwele.

FUNDA NALA: Iyamxhila uBroos eyokulimala kukaTau njalo uma kumele eze kwiBafana

“Umqeqeshi weNingizimu Afrika ukhiphe uPercy eqenjini lakhe, kanti uzwakale emcasukele lo mdlali,” kusho uShobier.

“NoPercy ubukeka engasafuni ukudlalela iNingizimu Afrika uma kusenguBroos umqeqeshi weqembu lesizwe.

“Ngemuva kokukhipha uTau eqenjini lakhe, ube esethi lo mdlali udinga ikhefu lezinyanga eziyisthupha. Kuxakile lokho, ikakhulukazi njengoba uTau engumdlali obalulekile nje (kwiBafana nakwi-Al Ahly).”

UShobier ukhuluma kanjena nje kuvele kunezinsolo zokuthi uTau kungenzeka akalimele ngale ndlela yokuthi ubesengaze angezi kwiBafana.

Kuvela ukuthi kunengcindezi ayithola kwi-Al Ahly ngokuthi ubuya ethintekile uma kade ekwiBafana bese bengalandeleli nokuthi uyelapheka yini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.