UPhali uthi iPirates kumele iqhubeke noMpontshane yize edliselile

UPhali uthi iPirates kumele iqhubeke noMpontshane yize edliselile
USiyabonga Mpontshane
OkaDonga Gumbi

Ukushintsha uSiyabonga Mpontshane emapalini e-Orlando Pirates ngemuva kwamaphutha kungafana nokuthi izigwaza ngowayo, ngokubona kowayengunozinti waleli qembu u-Avril Phali.

UPhali, owayedume ngelikaMhlekazi ngezikhathi zakhe, wake wathi qu kuleli qembu laseSoweto kanti uyayazi ingcindezi yokuvimba kulo.

Yingakho ethi akumele ashintshwe okwamanje uMpontshane obe nesandla ekutheni leli qembu lihlulwe ngo 3-2 emdlalweni weCaf Confederation Cup ngempelasonto.

UMpontshane udliwe amabhola abeshaywe ekude kanti abaningi babone kufanele ngabe ukwazile ukuwavimba kodwa amhlula basala bekhala bezithulisa abalandeli.

Nokho uPhali, ekhuluma nabeSowetan, uthi iPirates kuzomele iqhubeke naye lo nozinti ngoba uye osefomini yemidlalo.

“Njengoba u(Richard) Ofori esalimele nje no(Wayne) Sandilands ekade agcina ukudlala, indawo yonozinti ibucayi kabi.

“Kuyingozi ukufaka umuntu ongakujwayele ukudlala kuyo,” kusho uPhali. “Lokho kubalulekile. Angoboni kungaba yinto enhle ukuthi abaqeqeshi bashintshe unozinti manje ngemuva kwalawa maphutha.

“Akawavamile amaphutha, uma ubheka nje, iPirates isendaweni yesibili kwiDStv Premiership kanti ukumshintsha manje sekusele imidlalo emincane kanje ngeke kusalunga.

“Abaqeqeshi kumele bamyeke, indawo yonozinti ayidingi ukushintshashintshwa njalo. Akumele umshintshe ngoba nakhu nje ekhona omunye.

FUNDA NALA: UJohnson uthi igcagcele esokeni kuMosimane ngesenze seSundowns

“USandilands usenesikhathi agcina ukudlala futhi uma kungenzeka ukuthi ukuzethemba kwakhe kusephansi, kungavele kubhimbe kakhulu.

“Amaphutha into eyenzekayo ebholeni kodwa awasho ukuthi sekumele owenzile alahlelwe emgqonyeni.

“Uzovuka azithathe. Usedlale isikhathi eside. Uzokwazi ukukudlulisa lokhu. Uma uke wabona sengathi uyahlawuliselwa amaphutha anje, akube kusaba kulula ukubuyelwa ukuzethemba.”

UPhali ubuye weluleka nonozinti ngokumele bakwenze uma kade kwenzekile benza amaphutha adlisele iqembu.

“Imfihlo yokuvimba ukuthi uma wenze iphutha, ungagxili kulo, kumele usheshe ulidlulise. UMpontshane kumele aqhubeke adlale. Uyazethemba.”

IPirates isizobhekana neRoyal Leopard yaseSwazini emdlalweni wayo olandelayo kwiConfed Cup esigabeni samaqoqo.

Ngenhlanhla yayo nje, leli qembu liphoqeleke ukuyidlalela eMbombela Stadium eMpumalanga imidlalo yalo yasekhaya.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.