Uphele sekumuncu oweBaroka nePirates sekuquleke umdlali

Uphele sekumuncu oweBaroka nePirates sekuquleke umdlali
OkaDonga Gumbi

Ukushayisana kukanozinti we-Orlando Pirates, uRichard Oforo, nomdlai wasemuva uPaseko Mako, kwenze isimo saba muncu ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Bese kusele amanenjana umdlalo uphele ngesikhathi idolo lika-Ofori, obephume eyozama ukuvimba ibhola, lishaya uMako esiphongweni qede waquleka.

Kuthuke bonke abadlali nabalandeli abebesenkundleni, ngemuva kwalesi sigameko esenzeke umdlalo usuzophela njengoba zigcine zibambane ngo 0-0.

IPirates iyona ebiphethe umdlalo kodwa kuthi uma isisondela ezitsheni ezifayo, ifice iBaroka ibeke umgoqo ongeqeki.

Ithuba elihle elivelile lePirates libe ngomzuzu ka-21 ngesikhathi uDeon Hotto egobela uSiphesihle Ndlovu elihle ibhola.

Nokho uthe uyazama ukulicima uNdlovu lamhlula, wabe esezama nje ukukhahlela epalini kodwa sekucacile ukuthi selimhlulile.

Ukungaqaliswa kukaKwame Peprah kucacile kwiBucs njengoba beyihluleka ukudlalela uTshegofatso Mabasa, ohlala ebhokisini, ngenxa yokuthi seyijwayele lo mgadli waseGhana ongami ndawonye.

NeBaroka ike yanawo amathuba ngamakhona kodwa kwasho khona ukuthi ipali yinto vele engayiboniswa.

EzikaKgoloko Thobejane ziphoqeleke ukwenza ushintsho kusaphele imizuzu engu-40 umdlalo udlalile kulandela ukulimala kukaTrain Mokhabi. Indawo yakhe ithathwe u-Evidence Makgoba.

FUNDA NALA: ISundowns ibukise nge-Arrows, uShalulile waphula amarekhodi

IBaroka ibuye seyingcono esiwombeni sesibili futhi nayo seyike ihlasele kubonalake ukuthi iyalifuna igoli.

Kodwa iPirates ibonile ukuthi seyidonsa kanzima, yenza izinguquko ikhipha uNdlovu, Bandile Shandu noDeon Hotto.

Kungene oThembinkosi Lorch, Wayde Jooste noFortune Makaringe ezindaweni zabo, futhi lezi zinguquko zisebenzile njengoba umgqigqo ubuyele kwiBucs.

Kuthe umdlalo usuqala ukushisa, kwacima izibani njengoba kuvele kwacima ugesi kule ndawo eseduze nale nkundla, nayo yasala imnyama suce.

Kuthathe imizuzu ebalelwa kwemihlanu ukuthi injini kagesi isebenze kubuye izibani kule nkundla.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *