Uphelelwe ngamazwi oweBucs ngenjabulo yoweCAF

UGoodman Mosele
Sihle Ndlovu

Umdlali we-Orlando Pirates, uGoodman Mosele, uphelelwe ngamazwi ngemuva kokuthi iqembu lakhe lizibekisele indawo kowamanqamu weCAF Confederation Cup.

EZimnyama zishaywe yi-Al Ahli Tripoli ngo 1-0 emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu, e-Orlando Stadium, ngeSonto. Nokho lo mphumela awuziphamazamisanga njengoba zidlule ngo 2-1 uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili.

IPirates iye kulo mdlalo ihamba phambili ngo 2-0 kanti beyidinga ukungashaywa ngamagoli amabili nangaphezulu ukuze idlulele phambili.

“Yinto enhle le. Anginamazwi, mangisho kodwa ukuthi yinto enhle le,” kusho uMosele ekhuluma nabakwaSuperSport ngemuva komdlalo.

“Kumele singayekeleli. Kuhle ukuthi sifinyelele kowamanqamu kodwa sekufanele siqinise kakhulu kunakuqala.”

IPirates izobhekana neRSB Berkane yaseMorocco eshaye iTP Mazembe ngo 4-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili, kowandulela owamanqamu wesibili, ngeSonto. Umdlalo useGodswill Akpabio International Stadium, eNigeria, ngoLwesihlanu.

Ukaputeni weBucs, uHappy Jele, uthe weneme ngendlela abadlale ngayo ne-Al Ahli ngeSonto yize bekunzima.

“Ngijabule ngendlela esenze ngayo yize sidedele igoli ngomzuzu wokugcina. Okujabulisayo ukuthi sizoya emdlalweni wamanqamu,” kusho uJele.

“Kumele sizilungiselele kahle kusukela kusasa (ngoMsombuluko) ngoba angazi sihamba nini. Ngakho kumele silunge ngokushesha sifike sikahle kowamanqamu.”

IPirates kubhekeke ukuthi ifulathele iNingizimu Afrika ngoLwesibili.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.