Uphinde isenzo esamqhatha nomqeqeshi weSwallows uMokoena weDowns

Mthokozisi Mncuseni

Uphinde okumqhathe nomqeqeshi weSwallows FC uRulani Mokwena weMamelodi Sundowns ngesikhathi enaba ngezinhlelo zomdlalo wabo weDStv Premiership neBlack Leopards ngoLwesithathu ngo 5 ntambama, eThohoyandou Stadium.

UMokwena osethimbeni lezingcithabuchopho ezintathu zeSundowns, ugxekwe kakhulu nguBrendon Truter weSwallows ngeledlule emsola ngokunekela izwe wonke amaqhinga abadlala ngawo.

UTruter ukusho lokhu sakukloloda ngemuva kokuthi iSundowns ilahle amaphuzu obese kungokwesithathu kulandelana ibanjwa yiSwallows selishonile ilanga.

Kusobala nokho ukuthi izikhalo zikaTruter zifice ugwadule lwenhlabathi kuMokwena njengoba eyiqale kunozinti waze wafika kubagadli iLeopards, eyichaza ukuthi idlala kanjani.

“Ziningi izindlela abadlala ngazo. Kuzomele thina siqaphe ngelokhozi ukuze sizosheshe sibone ukuthi badlala ngayiphi kulo mdlalo wangoLwesithathu.

“Ngebhadi besazi ukuthi yini obekufanele siyilindele kuDylan (Kerr) kodwa akasekho eqenjini.

“Kwabona laba abazobe bebambile bayazi ukusuka nokuhlala iligi yethu ngakho-ke kusemqoka ukuthi sizibambe ziqine,” usho kanje uMokwena esuka nabo emuva ebala bonke abadlali beLeopards ukuthi badlala kanjani.

Uvumile lo mqeqeshi osebenza noManqoba “TV” Mngqithi noSteve “Mphathi” Komphela, ukuthi umphumela weSwallows usabakhubazile abathile ekhempini.

“Okusemqoka wukuthi sifike eVenda siwulungele ngazo zonke izindlela umdlalo. Ukuya nje eThohoyandou kuwumsebenzi onzima.

“Umphumela esiwuthole kwiSwallows usabakhubazile abanye ngakho kusemqoka ukuthi ukuzethemba kube seqophelweni eliphezulu kubona bonke abadlali.”

Mithathu imidlalo ilandelana iSundowns ingayazi iwini kanti kuleyo midlalo isaphumelele ukushaya igoli elilodwa nje vo.

UMokwena uthe bayakuqonda konke lokhu yingakho kusemqoka ukuthi wonke umuntu okhona ekhempini awulungele kakhudlwana kunokujwayelekile lo mdlalo kwazise uzoba omunye yenzima asebeke bayidlala muva nje.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.