Uphinde waba nomusa kubagadli uKhune weChiefs epha abeSuperSport igoli elilula

Sihle Ndlovu
UKaputeni weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uphinde waligila iqembu ngesikhathi enza iphutha bebhekene neSuperSport United, emdlalweni weDstv Premiership, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ebusuku.
UKhune ubezama ukususa ibhola emuva kodwa waliqondisa ngqo kumdlali weSuperSport lagcina likhale enethini yeChiefs. Wenze okufanayo nangeviki elidlule, epha u-Ovidy Karuru ibhola ngesikhathi bebhekene neBlack Leopards.
IChiefs iwuqale kahle umdlalo kubukeka sengathi iyona ebizoshaya igoli kuqala. Ithole inqwaba yamathuba kodwa yehluleka yancama ukuthola igoli. Umdlali othole amathuba amaningi nguLebogang Manyama kodwa wangakwazi ukunika unozinti weSuperSport, uRonwen Williams, inkinga.
Ukugeja kweChiefs kwenze Amatsatsantsa a Pitori angalahlekelwa yithemba. Lokhu kucace ngomzuzu ka-45 ngesikhathi uBradley Grobler eshaya igoli ngemuva kokuthi uKhune enze iphutha ezama ukususa ibhola. UKhune wenze iphutha elicishe lifane nangesikhathi Amakhosi ebhekene neBlack Leopards emdlalweni weDstv Premiership ngesonto elidlule.
Ngomzuzu ka-53 izinto ziphinde zayibhedela iChiefs ngesikhathi uSipho Mbule eshaya igoli lesibili leSuperSport. Uthole ibhola elihle livela kuGrobler wadonsa intambo wasala eneke amanabukeni uKhune.
Kuphinde kwaba mnyama kakhulu kwiChiefs ngesikhathi uPhilani Zulu ethola ikhadi elibomvu ngomzuzu ka-64 ngemuva kokudlalisa kabi uGramphani Lungu. Ngaleso sikhathi iChiefs ibingasadlali ibhola elihle futhi kucaca ukuthi iSuperSport ingase ithole igoli lesithathu.
Ukuphuma kukaZulu kwenze iChiefs yafaka uSiphosethu Ntiya-Ntiya endaweni kaLeonardo Castro, ongabanga nomdlalo omuhle. Ngomzuzu ka-88 iChiefs ithole iphenathi kulandela ukudlaliswa kabi kukaDumisani Zuma, obedlala umdlalo wakhe wokuqala kule sizini. Ungene endaweni ka-Anthony Agay.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt, uthe kubafanele ukushaywa.
“Silahle inqwaba yamathuba ngesiwombe sokuqala. Bekumele sishaye okungenani amagoli amane, ungakashintshi umdlalo. Kodwa ibhola linjaloke,” kusho uHunt obekukeka ephoxekile.
IChiefs izovala unyaka ngokubhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni weDstv Premiertship eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.