Uphoxekile uKerr ngeSwallows yakhe engafuni ukundiza isuke ezembeni

Uphoxekile uKerr ngeSwallows yakhe engafuni ukundiza isuke ezembeni
UFawaaz Basadien no-Orebotse Mongae
Sihle Ndlovu

ISwallows FC ibhekene nenkinga yokuthi idliwe yizembe ekupheleni kwesizini uma ingayishintshi indlela edlala ngayo.

IZinyoni zithelwe othulini yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium, ngoMgqibelo.

Ukushaywa kweSwallows kuyenza ukuthi ihlale endaweni ka-15 kwilogi yePremiership.

Okwenza izinto zibe nzima kakhulu kwiSwallows ukuthi seyidlale imidlalo engu-20 nokuchaza ukuthi isele neyishumi kuphela kule sizini.

Amaqembu azabalaza nayo ezembeni, asadlale imidlalo engu-18, nokuwanika ithuba elingcono lokuxaxama
ezembeni.

Umqeqeshi weSwallows uDylan Kerr uzwakalise ukuphoxeka kakhulu ngendlela abadlale ngayo bebhekene neRockets ngoMgqibelo.

“Ngemuva komdlalo wethu esiwudlale neStellenbosch, ngiphoxeke kakhulu namuhla.

“Ngiphoxwe yindlela esithatha ngayo izinqumo esilahlekisele ngamaphuzu kwiStellenbosch kodwa namuhla bekudlulele,” kusho uKerr.

“Yithina esiqale sidlala kahle sihlasela iTS Galaxay. Ngicabanga ukuthi besidlala ibhola elihle futhi sinomfutho.

“Besihlasela kodwa uma sesifike emapalini besithatha izinqumo ezibhedayo.”

Nokho uKerr uyakholwa ukuthi bangalivika izembe kule midlalo eyishumi esele, uma bengishintsha indlela abenza ngayo izinto.

FUNDA NALA: UMokwena uwamukele umphumela weSundowns yize igcine ingawinanga

“Kumele sibeke imiqondo emdlalweni ozayo esizowudlala neSekhukhune ngempelasonto ezayo.

“Nokho kusekhona neNedbank Cup ezosisiza ukususa imiqondo kwiligi,” kusho lo mqeqeshi.

“Sengike ngaba kulesi simo phambilini kathathu, sekusele imidlalo eyishumi ukuthi kuphele isizini. Sikhombise umdlalo omuhle sibhekene neStellebosch idlalela ekhaya.

“Ngiyazi njengomuntu owake walidlala ibhola ukuthi uma wenza kahle kanjalo kumele uqhubeke nalokho emdlalweni olandelayo, hhayi ukwenza okuphambene nalokho.

“Kumele sibuyele ejimini sigqugquzele abadlali ukuthi sithole amaphuzu amathathu emdlalweni olandelayo.

“Yonke imidlalo manje isifana neyamanqamu.” ISwallows izobhekana neSekhukhune e-Ellis Park Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.