Uphuke umoya uRamoviç weGalaxy ‘ethukwa’ uKomphela weSundowns

Uphuke umoya uRamoviç weGalaxy 'ethukwa' uKomphela weSundowns
USead Ramoviç
OkaDonga Gumbi

Usale edangele umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramoviç ngemuva kokuhilizisana nozakwabo kwiMamelodi Sundowns uSteve Komphela ngoLwesithathu kusihlwa.

Laba baqeqeshi bahilizisane ngesikhathi amaqembu abo egadulisana emdlalweni weDStv Premiership ogcine uwinwe yiSundowns ngo 3-0.

Bekungemuva kokuphuma kukaLindokuhle Mbatha othole ikhadi elibomvu la laba baqeqeshi beqale khona ukugejana ngamagama.

Esekhuluma ngalokhu ngemuva komdlalo uRamoviç uthe ubekhuza uKomphela ngesenzo sakhe sokunxenxa unompempe ukuba akhiphe ikhadi eliphuzi lesibili.

“Ngiyakuqonda ukuthi imimoya iyaphakama kodwa ngikholwa wukuthi kumele uhloniphe abanye abantu ngaso sonke isikhathi.

“Awuhloniphi nje ozakwenu osebenza nabo eqenjini noma abadlali bakho kuphela kodwa wonke umuntu,” kusho uRamoviç.

“Kumele uwaqaphele amagama owakhulumayo. Uma ungumqeqeshi bese kuba uwenza onxenxa unompempe ukuthi anike umdlali welinye iqembu ikhadi lesibili eliphuzi akulungile lokho.

“Kuthe ngemuva kokwenza lokho ngamtshela ukuthi angakwenzi lokho ngoba ngcabanga ukuthi akulungile.

“Ngikhulume naye kahle ngendlela ejwayelekile. Ube esejika yena esebenzisa amagama amabi ahlambalazayo (inhlamba) engingeke ngikwazi ukuwaphinda ngoba ayihlazo.

FUNDA NALA: UFrosler ufuna ukuphinde agqame kowomkhaya baseSoweto

“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi weqembu elihlonipheke njengeSundowns akumele akhulume kanjeya nomunye umqeqeshi.

“Ngokwami ukubona, kuyihlazo ukwenza kanjeya ube uqeqesha iqembu elikhulu njengeSundowns.

“Usuke umele iqembu lakho uma ungumqeqeshi ngakho lokhu akwenzile akulungile neze,” kugcizelela uRamoviç.

UKomphela ovamise ukutholakala ezinkundleni zokuxhumana ubengemningi ngoLwesine ngemuva kwalesi sigameko.

Okuthusayo ngalokhu wukuthi uKomphela ungumuntu owaziwa ngokuba nomoya ophansi nohlezi eluleka abanye abantu ukuthi bangasebenzisi imizwa uma bebhekene nezimo.

Ukuthi kwenzeke kanjani kube nguye osesebenzisa amagama alumelayo komunye umqeqeshi nokwenza kuyaxaka.

Imizamo yethu yokumthola lo mqeqeshi ayizange iphumelele kodwa sizolokhu sizama ukuze sithole ukuthi kwenzakaleni ngokwakhe.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.