UPienaar usenezicucu ezihlonishwayo zokuqeqesha, useyafesa

UPienaar usenezicucu ezihlonishwayo zokuqeqesha, useyafesa
USteven Pienaar osezoba ngumqeqeshi
Sbongs Gumbi

USteve Pienaar usengumqeqeshi onezicucu eziphezulu futhi ezihlonishwa umhlaba wonke i-Uefa Pro License.

Le nsizwa eyayingukaputeni weBafana Bafana ngesikhathi isengumdlali, izenze phesheya lezi zicucu zayo la yake yadlala khona isikhathi eside.

UPienaar wayedlala kwi-Ajax Amsterdam eHolland ne-Everton e-England ngaphambi kokubuya kuleli esezothatha umhlalaphansi wafike wadlala kwiBidvest Wits. 

Kanti manje njengoba esengumqeqeshi ogcwele ngokwezifundo, useyafesa futhi engabuya ukuzosebenza kuleli ngokokusho kukaRob Moore oyimenenja yakhe.  

“Sesibheke ukuthi sithole amaqembu afisa zosebenza kuwo, sesivule izindlebe ukuzwa ngamapthuba avelayo,” kusho uMoore kwabeMetro FM ngoLwesithathu.

FUNDA NALA: ‘IChiefs inobudlelwano obuhle noBlom,’ kusho uZwane

UMoore nguye otholele noBenni McCarthy umsebenzi kwiManchester United la engumqeqeshi wabagadli khona.  

“Kumele simsize naye (uPienaar) njengoba senza kuBenni, sibheke ukuthi singamtholela kuphi ithuba lomsebenzi. 

“Uma livela ithuba elihle (kuleli), engalibheka ukuthi liyamfanela yini. Uma isimo sisihle kulelo qembu nakanjani yinto angakubheka ukulithatha,” kuchaza uMoore.

UPienaar kumanje usebenza ezinkulisa ze-Ajax eHolland kodwa njengoba esenezicucu eziphelele nje cishe usezofuna isikhundla esingconywana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *