UPitso akafuni ukusabisa iSundowns ngamazwi ethi uyayihlonipha

UPitso akafuni ukusabisa iSundowns ngamazwi ethi uyayihlonipha
U-Arthur Zwane, Pitso Mosimane noKaizer Motaung Jr
OkaDonga Gumbi

UPitso Mosimane uthi i-Al Ahly ayizele ukuzoziphindiselela kwiMamelodi Sundowns kodwa izokwenza umsebenzi wayo olindeleke kuyo.

Leli qembu lakhe lizogadulisana neSundowns emdlalweni weCaf Champions League eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Yize ekhuluma sengathi abajahile ukubuyisa izinduku uPitso, nokho cishe ngenhliziyo uyabubula ejahe ukushaya leli qembu ayesebenza kulo kodwa angasezwani nalo.

“Kulindele ukuthi siyiwine iChampions League ngoba sesiyiwine kulandelana kanti lokho kuyingcindezi esiphila nayo.

“NeSundowns inengcindezi ngoba seyineminyaka eyisithupha yagcina ukuyiwina,” kusho uPitso.

“Kuleli zinga esikulo namava esinawo, lo mdlalo akuwona owokuthi ngizikhombise ukuthi ngingcono kunoRulani Mokwena, Manqoba Mngqithi noma uSteve Komphela.

“Ngiyabahlonipha kakhulu. Ibhola likhulu kunathi, likhulu kunabaqeqeshi. Thina okwethu ukuzama ukuwulawula nje umdlalo. Mina sengisezingeni la ngingancintisani khona namuntu.”

Uthe bazocophelela kakhulu ukuthi bangawenzi amaphutha amaningi kulo mdlalo ngoba unzima futhi ungawinwa noma yiliphi iqembu.

“Sizocophelela kakhulu futhi ngeke siphakamise imimoya ngoba lokho kungasenza sigcine singasakwazi ukucabanga kahle.

FUNDA NALA: ISuperSport imise umdlali ongafuni ukugomela iCovid

“Inhloso wukuthi sidlulele esigabeni esilandelayo kanti umbuzo manje wukuthi lokho sizokwenza kanjani?

“Kulula. KUmele siwine lo mdlalo ngoba salahla amaphuzu sisekhaya. Sifuna ukuwina ngoba siyakholwa ukuthi singayihlula iSundowns.

ISundowns yayishayela ekhaya ngo 1-0 i-Al Ahly emavikini ambalwa edlule kanti kusobala ukuthi leli qembu lizobe lifuna ukuziphindiselela.

UManqoba Mngqithi weSundowns uthe kuzoba wumdlalo omuhle ngoba alikho elizobe ligodle amandla kulo mdlalo.

“Into engiyithandayo ngokucasuka nokufuna ukuziphindiselela wukuthi kwenza umdlalo ushise. Uba mnandi umdlalo onjalo ngoba lisuke lingekho iqembu elizongayo.

“Kuzoshuba kakhulu futhi yiyona indlela leyo ibhola okumele lidlalwe ngayo vele,” kusho uMngqithi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.