UPitso akawuboni umehluko owenziwa uMotsepe kwiCaf

UPitso akawuboni umehluko owenziwa uMotsepe kwiCaf
UPitso Mosimane
OkaDonga Gumbi

UPitso Mosimane akachazekile ngendlela izinto ezihamba ngayo kwiCAF, ngaphansi kwesandla sikabasi wakhe wakudala kwiMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe. 

Lo mengameli wakudala weSundowns usehlale esihlalweni sokwengamela iCAF isikhathi esingaphezu konyaka manje. 

Kodwa uPitso akakawuboni umehluko afike nawo uMotsepe, futhi uze wamfanisa no-Issa Hayatou, owahlala iminyakanyaka kule nhlangano kodwa ingathuthuki. 

UPitso unengwa kakhulu wukushaya kweCAF ngonyawo lonwabu ekusebenziseni uhlelo lokusiza onompempe ngevidiyo, iVAR.

FUNDA NALA: UMngqithi uthi seyifana nenja engenamazinyo i-Al Ahly

Usola uMotsepe ngokungakusukumeli lokhu okuyinto abona ingasiza ekufukuleni ibhola kuleli zwekazi. Uthe iVAR kumele ngabe seyikhona kuyo yonke imiqhudelwano yeCAF.

“Lokhu kuveza obala umehluko okhona phakathi kwethu neChampions Leageu yase-Asia,”  kusho uPitso ngeVAR.

“Sisalele emuva ngeminyaka eyishumi. Ibiza malini kanti? E-Egypt isebenza kuyo yonke imidlalo. Kuhlezi kuthiwa sizophucuka, kodwa lokho kuzokwenzeka kanjani?

“Yini entsha eseyenzekile? Sisahleli la uHayatou asishiya khona. Mina sengidlale kule miqhudelwano iminyaka eyisishiyagalombili (kodwa alukho ushintsho)

“Nathi (i-Al Ahly) sesike sasizakala ngeVAR futhi kwakhona la esibamba khona. Kunzima kabi konompempe ukuthatha ezinye izinqumo ezifanele ngesonye isikhathi,”  kuchaza uPitso.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.