UPitso akumkhathazanga kakhulu ukubhaxabulwa yiSundowns

UPitso akumkhathazanga kakhulu ukubhaxabulwa yiSundowns
UPitso Dladla
OkaDonga Gumbi

Injabulo eyagabha iqembu ngemuva kokuthi lishaye iKaizer Chiefs kwiNedbank Cup ngesizini edlule ingenye yezinto okusolwa ukuthi zafaka amanzi endlini kwiRichards Bay.

Leli qembu lalibhuza, lingavimbeki ngesikhathi lithuhluza iChiefs kodwa ngemuva kwalokho kwahamba kwahamba kwathomba ukhiye.

Lagcina lize lalahlekelwa nayindawo yalo phezulu kwilogo yeGladAfrika Championship, lagcina liphelele emidlalweni yokuhlunga nakho kwafika kwabhimba.

Mhlawumbe yingakho nje umqeqeshi waleli qembu uPitso Dladla engabonakalanga ekhatahzake kakhulu ngemuva kokukhishwa yiMamelodi Sundowns emzuliswaneni wokuqala kulo mqhudelwano nonyaka.

Kunalokho lo mqeqeshi uthi bakubonile abebefuna ukukubona ngabadlali babo kulo mdlalo futhi bafundile izinto abakholwa wukuthi zizobaqinisa ukuya phambili.

IRichards Bay nakulokhu yiyo ephezulu kwiChampionship kanti bekubhekiwe ukuthi bazokwazi yini ukuphinda iziamnga zangesizini edlule kodwa bafica iSundowns ingathi nsi. 

“Besiyazi ukuthi iyiqembu elinjani iSundowns,” kusho uPitso. “Kodwa kuqala nje kumele sibe neqiniso nje,” kusho yena.

“ISundowns yiqembu owaziyo ukuthi noma ungagoloza emizuzwini yokuqala eyishumi, engu-20 noma 30, kodwa uzogcina ugobile. 

“Kumele ngikuvume nokuthi besingekho ezingeni elifanele ngokokuba fithi ngoba asikwazanga ukumelana nesivivi somdlalo. 

“Kuthe uma sebenyusa iznga esiwombeni sesibili, saqala sakhathala thina wabona ukuthi izinyawo seziyesinda ke manje,” kuchaza uDladla.  

Uthe bebengafunanga ukujika indlela abadlala ngayo kwiligi ngoba befuna ukubona ukuthi uma begcina benyukela kwiDStv Premiership bengakwazi yini ukuqhubeka nalesi sitayela abasidlalayo.

FUNDA NALA: UGomes uthathe amehlo omhlaba efika uSalah impempe 

“Mhlawumbe sikhathale ngoba besibe nekhefu elide kunabo. Kodwa siyakwamukela esikufundile futhi siyethemba kuzosiqinisa kusenze iqembu elingcono.”

UDladla uzoba namaviki amabili ukuthi abuyisele iqembu lakhe esimweni ngaphambi kokuthi baqhubeke nemidlalo yeligi.

Bazothi bebuyela babe nomdlalo onzima njengoba bezogadulisana neJDR Stars ngoFebhuwari 19 ePrincess Magogo Stadium.

IJDR Stars neBay bayalingana ngamaphuzu angu-32 esicongweni seChampionship kodwa elaseKZN liphezulu ngenxa yesibalo samagoli esingcono.

Ozowina kulo mdlalo uyozibeka ethubeni lokuvula igebe nokuthi kugcine kube nguye ozohamba aze ayodla umhlanganiso.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.