UPitso angase ‘antshontshe’ uZwane kwiChiefs

UPitso useqede konke neChiefs, uza kuyo ngesizini ezayo
Intatheli yeMpempe

Umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane angase amlande u-Arthur Zwane ayomenza iphini lakhe kuleli qembu e-Egypt.

Lezi zindaba zihletshelwe Impempe ngomunye osondelene neKaizer Chiefs la uZwane ayiphini khona likamqeqeshi uStuart Baxter.

UPitso akanalo isekela aziqokele lona yena kwi-Al Ahly kusukela kwahamba uCavin Johnson ngaphambi kokuqala kwale sizini.

FUNDA NALA: Abalandeli beGhana bajikele u-Ayew bemhhahameza

“UPitso uqale ukukhuluma ngalento ngesikhathi ezakhe neChiefs zidlala owamanqamu kwiChampions League ngesizini edlule.

“Uphinde wayivusa leyo ndaba njengoba kade ekuleli bezodlala neSundowns nje,” kusho lo mthombo ocele ukungadalulwa.

Uthe neChiefs iyakwazi lokhu futhi ayinankinga nakho ngoba ikholwa wukuthi kungaba yithuba elihle lokuthi ayofunda uZwane, abuye esenamava angcono.

UPitso kuthiwa uthe usazoxoxa babaphathi bakhe kwi-Al Ahly ngalokhu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.