UPitso noNcikazi baqokelwe umklomelo womqeqeshi ovelele e-Afrika

UMandla Ncikazi ocija iPirates
Sihle Ndlovu

Abaqeqeshi ababili baseNingizimu Afrika, uPitso Mosimane, ogcine ukucija i-Al Ahly yase-Egypt, noMandla Ncikazi oqeqesha i-Orlando Pirates, baqokelwe umklomelo womqeqeshi ovelele e-Afrika.

Laba baqeqeshi, bathola ukufakwa ohleni lwabangadla umhlanganiso kumaCAF Awards ka-2022 nje, yingoba bafake amaqembu abo kweyamanqamu yeCAF Champions League noweCAF Conderation Cup, ngokwehlukana kwabo.

Nokho okuphawulekayo ukuthi bobabili bashayiwe kweyamanqamu nokwenza ukuthi amathuba abo okubuya nemiklomelo abe mfilipha. UMosimane ne-Al Ahly bashaywe yiWydad Casablanca ngo 2-0, nokuyinto engehlanga kahle kubathathi baleli qembu.

Ngakolunye uhlangothi uNcikazi nePirates bashaywe yiSB Berkane ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1. Nakho lokhu akwehlanga kahle kubalandeli beZimnyama abebefuna uNcikazi noFadlu Davids, abesizana naye, bakhonjwe abeza ngayo ngokushesha. Ugcine exoshiwe uDavids wasala uNcikazi.

Okuphawulekayo ngale midlalo yamanqamu emibili ukuthi womabili amaqembu aphuthise iqatha emlonyeni abaqeqeshi bakuleli, awaseMorocco.

UMosimane noNcikazi bafakwe nenkunzi kulo mklomelo obalulekile nohlonishwayo e-Afrika. Kukhona u-Aliou Cisse owine i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2021 neSenegal ngemuva kokushaya i-Egypt ngoFebhuwari.

Abanye abaqeqeshi abakhona uKamou Malo (Burkina Faso), u-Amir Abdou (Comoros), uCarlos Quieroz (Egypt), uTom Saintfeld (Gambia), uFlorent Ibeng (RS Berkane), uVahid Halilhodzic (Morocco) noWalid Regragui (Wydad Athletic Club).

Khonamanjalo uPercy Tau, uBandile Shandu, uThembinkosi Lorch noPeter Shalulile baqokelwe i-Interclub Player of the Year. IPirates iphinde yafakwa kwiTeam of the Year, lapho izobanga khona neWydad, iRS Berkane, yi-Al Ahly nePetro de Luanda.

Umcimbi iCAF Awards uzobanjwa ngaphambi kowamanqamu we-Women’s Africa Cup of Nations eqala ngoJulayi 2 kuya kuJulayi 23.

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.