UPitso ubhinqe iCAF ngemuva kokushaywa kwiChampions League

UPitso Mosimane
Sihle Ndlovu

Uzwakale enganeme nakancane umqeqeshi we-Al Ahly, uPitso “Jingles” Mosimane, ngokudlalela eMohamed V Stadium, yaseMorocco, owamanqamu weCAF Champions League ngoMsombuluko.

IRed Devils ithelwe othulwini yiWydad Athletic Club ngo 2-0 kulo mdlalo obuphethwe yi-Al Ahly isikhathi esiningi. Nokho lokho kuphatha ibhola isikhathi esiningi akuyisizanga kakhulu njengoba igcine ingashayanga nelilodwa igoli.

Mhlawumbe okukhalisa kakhulu uMosimane ukuthi iWydad eyakhona eMorocco ngakho bekufana nokuthi yona idlalela ekhaya.

“Siwatholile amathuba ethu, uPercy (Tau) uke wabhekana ngqo nonozinti. Ukube ulishayile igoli lapho bekuzoba yisimo esihlukile,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo.

“UMohamed Sherif ubenethuba lokushaya igoli. Ukube ulishayile bekuzohluka. Okungijabulisayo ukuthi sifike lapha sadlala ibhola futhi ebholeni ngeke uthi iqembu ebelidlala kahle lishayiwe ngoba leli elisuke liwinile yilona elisuke lingcono.

Emdlalweni iWydad ibilithola kancane ibhola kodwa beyenza isiqiniseko ukuthi ilibeka phakathi uma ithola ithuba.

“Sifike lapha enkundleni engavuni muntu saba nabalandeli abalinganayo ukuthi bangene enkundleni, futhi lokho kuyingxenye yebhola. Ngicabanga ukuthi lowo othathe leso sinqumo ukutholile abekufuna. Sizoqhubekela phambili,” kusho uMosimane sakubhinqa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.