UPitso ufuna iSundowns ihlukane naye, inake abaqeqeshi bayo abathathu

UPitso ufuna iSundowns ihlukane naye, inake abaqeqeshi bayo abathathu
UPitso Mosimane
OkaDonga Gumbi

Kushode ukuthi athi, “awungixege sketi ngizokugqoka ngoKhisimuzi” uPitso Mosimane eqenjini lakhe lakudala iMamelodi Sundowns.

Lokhu bekulandela ukuthi abalandeli beSundowns bephinde baphazamisa ibhasi le-Al Ahly ngesikhathi libheke eFNB Stadium la lamaqembu abegadulisana khona.

Kuwine iSundowns ngegoli likaPeter Shalulile alishaye esiwombeni sokuqala kodwa ukuqophisana bekungekho enkundleni kuphela kulo mdlalo.

“Kuhlezi kuba nesiphithiphithi uma ngiza lana,” kusho uMosimane ngemuva kwalo mdlalo ngoMgqibelo ntambama.

“Mina ngingumuntu onesibindi ebholeni. Kudala ngaba yinkomo edla yodwa. Ngake ngadlala kuleli qembu (iSundowns) ngakho ngeke ukuhliphize kalula engikwakhile kulo.

“Mina ebholeni nginamandla futhi ngiqinile ngendlela yami. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngeSundowns.

“Ngiyonixoxela nje ngelinye ilanga okwenzeka ngesikhathi sidlala neSundowns eCairo. Kuningi okwenzeka kimi ngqo engingakafuni ukukhuluma ngakho.

“Sengidlulile kukho kodwa akukholakali. Ngicabanga ukuthi sengokukhipha kahle uma sengibhala incwadi ngempilo yami.

FUNDA NALA: Kufufusa impi kwiSafa nePSL ngeSuper League

“Niyothuka kome amathe ngezinto ezenzek. Namanje basangilandela,” kuchaza uPitso obengakhombisi ukuthi ukusiphi isimo ngokwemizwa.

“Kumele bahlukane nami phansi, banabaqeqeshi abathathu… bafunani kanti? Hlukanani nami, qhubekani nempilo.

“Ngakwenza okusemandleni ami eqenjini futhi nganishiyela iqembu elihle. Kungani ningilandela manje? Nifuna ukuzuzani?

“Kuyadabukisa ukuthi iqembu elikhulu kangaka lenza ukungcola okunjena,” kuchaza yena.

Kunokungezwani phakathi kukaPitso neSundowns kusukela ahamba njengoba kukhona namacala asenkantolo nje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.