UPitso umshiye ngaphandle uTau eqenjini elizodlala oweChamps League

UPitso umshiye ngaphandle uTau eqenjini elizodlala oweChamps League
UPercy Tau
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPercy Tau usale ngaphandle eqenjini labadlali be-Al Ahly abangu-19 abazoyibamba emdlalweni wokuqala kwiCaf Champions League.

Leli qembu eliqeqeshwa nguPitso Mosimane lizovula le midlalo yale ndebe eliyivikelayo ne Union Sportive de la Gendarmerie Nationale (USGN) yaseNiger.

UTau usanda kwelulama ekulimaleni ayekuthole ekwiBafana Bafana ngasekuqaleni kukaSepthemba kanti bekubhekwe uPitso amfake eqenjini lakhe.

Nokho kucacile ukuthi ijezi uzolilwela njengabo bonke abadlali ngale kokuthi bavele bayazana kudala nomqeqeshi.

Nabanye abadlali abasha kuleli qembu oLuís Miquissone, Karim Fouad noHossam Hassan nabo abafakwanga kuleli qembu eliyaNiger.

FUNDA NALA: UBenni akayisabi iTM Mazembe ezogadulisana noSuthu

Nabanye abadlali asebemkantshubomvu eqenjini okungoMohamed Magdy Afsha, Mohamed El-Shennawy, Hussien El-Shahat noSalah Mohsen nabo bakhale ngaphansi.

Umdlalo wabo ungoMgqibelo kanti kubhekwe awuqale kahle lo mqhudelwano uMosimane kwazise ingcindezi inkulu njengoba ephuthwe indebe yeligi nje.

UMosimane uthe usekubheke ngabomvu ukuwina isicoco seChampions League okwesithathu kulandelana kuleli qembu afika kulo esuka kwiSundowns.

“Ngijabule kakhulu ngohambo lwethu lokuyohlomula isicoco sesithathu seCaf Champions League oluqala ngoMgqibelo eNiger.

“Amehlo asethe njo kulokhu esizokuhlomula futhi sesikulungele ukuphinde sinqobe lo mqhudelwano,” ubhale kanje kwiTwitter yakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *